KUFAKWE abadlali ababili abasha eqenjini lesizwe labesilisa lekhilikithi elizodlala eNdebeni yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa e-United States of America naseWest Indies ngoJuni 1 kuya ku-29.
Leli qembu lizoholwa ngu-Aiden Markram owaqokwa njengokaputeni omusha weqembu lesizwe leT20 ngoMashi nyakenye, ethatha izintambo kuTemba Bavuma.
UBavuma ungomunye wabadlali ababekhona kuleli qembu ngesikhathi liphuma esigabeni samaqoqo sesibili, iSuper 12, emqhudelwaneni owawuse-Australia ngo-2022.
Omunye osale ngaphandle ngumshwibi uWayne Parnell kanti uLungi Ngidi uzoba ngomunye wabadlali abazobe bemi ngomumo uma kwenzeka kuba khona abalimalayo, ehambisana noNandre Burger.
Abadlali abazobe beqala ukubonakala kuleli qembu lesizwe ngumshwibi u-Ottniel Baartman nomdlali oshayayo, uRyan Rickleton.
UBaartman wenza ezibukwayo kwiSA 20 yanonyaka lapho athatha amawikhethi angu-18 edlalela iqembu elagcina libe ngompetha, iSunrisers Eastern Cape. Njengamanje ugijima kwi-Indian Premier League eqenjini iDelhi Capitals.
URickleton naye wagqama kulo mqhudelwano wakuleli weT20 ngasekuqaleni konyaka eshaya ama-run amaningi kunabo bonke abadlali. Umqhudelwano waphela eseshayele iMI Cape Town ama-run angu-530.
AmaProteas azobe ebophele abashwiba ngesivini abahamba phambili njengoKagiso Rabada, Anrich Nortje, Marco Jansen noGerald Coetzee. Bazobambisana nabashwiba i-spin, uKeshav Maharaj, Tabraiz Shamsi noBjorn Fortuin.
Kubadlali okuzobe kubhekwe ukuthi baphahlaze amabhola ngomphini ayophumela ngaphandle kwenkundla kuzobe kukhona uQuinton de Kock, Reeza Hendricks, Heinrich Klaasen, David Miller noTristan Stubbs.
“Ngithanda ukuhalalisela abadlali abayingxenye yeqembu. Bekunzima ukuqoka isikwati ngenxa yokuthi miningi imidlalo yeT20 edlaliwe futhi ebisezingeni eliphezulu. Ngihalalisela kakhulu abadlali abazobe beqala ukugijima eqenjini lesizwe, uRyan no-Ottniel,” kusho umqeqeshi weqembu lesizwe leT20, uRob Walter.
“Kulo nyaka baningi abadlali bethu abakhiphe unyawo. Lokho kwenze umsebenzi waba nzima kodwa ngiyaziqhenya ngeqembu futhi ngiyethemba ukuthi sikhethe abadlali abazosibeka ethubeni lokudlala umhlanganiso e-USA naseWest Indies.”
UWalter uphinde wakhipha nesikwati esizodlala imidlalo emithathu yeT20 neWest Indies kule nyanga. Sihlanganise abadlali abakhona eqenjini elizoya eNdebeni yoMhlaba, nabangekho.
“Amalungiselelo ethu azoqala ngale midlalo emithathu neWest Indies. Ngeshwa kukhona abazobe bengekho ngenxa yokuthi bazobe besadlala kwi-IPL. Lokho kuvulela abanye abadlali ithuba lokuthi bazibonakalise, ikakhulukazi labo abenze kahle kwiCSA T20 Challenge,” kusho uWalter.
ENdebeni yoMhlaba amaProteas azovula eyamaqoqo neSri Lanka ngoJuni 3. Azophinde atholane phezulu neNetherlands, Bangladesh neNepal.
Iqembu lamaProteas leNdebe yoMhlaba yeT20: Aiden Markram (ukaputeni), Ottniel Baartman, Gerald Coetzee, Quinton de Kock, Bjorn Fortuin, Reeza Hendricks, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, David Miller, Anrich Nortje, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs.
Ama-reserve: Nandre Burger, Lungi Ngidi.