ZIMTHINTE emanonini izethembiso zeWydad Athletic Club, uCassius Mailula, osayine inkontileka yokubolekwa kuleli qembu laseMorocco esuka kwiToronto FC edlala kwiMajor Soccer League (MLS) yase-United States of America (USA).
UMailula obekhuluma ekhasini lika-X le-P Managenent Sports, okuyinkampani ebhekele izindaba zakhe akazange aphike ukuthi umqeqeshi weWydad, uRhulani Mokwena, uyena owenze konke kwenzeka.
UMailula (23) ogqame ngaphansi kwesandla sikaMokwena kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya kwiMLS ekuqaleni kwesizini edlule, ubolekiswe kwiWydad kuze kube sekupheleni kwesizini ezoqala kodwa kukhona umbandela wokudayiselana uma zonke izinhlangothi zineme ngalokho.
UMokwena osanda kusula kwiSundowns wajoyina lezi zinkunzi zaseMorocco, wakhuphulela uMailula esikimini esikhulu seSundowns lapho agcina eshaya amagoli angu-15 sekuhlangene yonke imiqhudelwano ngesizini ka-2022-2023.
Emuva kwale sizini uMailula akagcinanga ngokuthatha iso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kepha kulandele amadlelo aluhlaza.
Akuzange kuhambe ngendlela obekulindeleke ngayo kuMailula kwiToronto njengoba uMokwena esemlanda ukuzoqinisa ngaye isikwati sakhe esizaciswe ukuhamba kwabadlali abebemqoka kwiWydad ngesizini edlule.
UMokwena ungomunye wabebengakufihli ukuthi abahambisani neligi (MLS) eyayijoyinwa uMailula ngesikhathi kwenzeka kodwa wagcina egobe uphondo.
“Ziningi izizathu ezimqoka ezingihehe kwiWydad kodwa esihamba phambili kunazo zonke ukuthi ngiyosebenza nomqeqeshi (Mokwena) ongazi ukusuka nokuhlala futhi okholelwayo njalo kimina,” kusho uMailula.
“Ngaphandle kwendima eyaklanywa uMokwena ngisekwiSundowns ngabe angikho kuleli zinga engikulona.
“IWydad ingelinye lamaqembu ahlonishwayo e-Afrika ingakho ngingazange ngicabange kabili uma uMokwena engitshela ngezifiso nomlando afuna ukuwuqopha nalo.
“Isifiso sami esikhulu ukubhekena nabadlali abavelele emhlabeni ngakho-ke ithuba lokuba ingxenye yeFifa Club World Cup ngonyaka ozayo e-USA bekungeke kube lula ukuliziba,” kuphetha uMailula kuleli khasi.
IToronto ikuqinisekisile kwi-website yayo ukuthi uMailula imbolekise kwiWydad isizini eyodwa kodwa kunesivumelwano sokudayiselana.