LIGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala iqembu lakuleli elizodlala kowamanqamu eChallenge Cup, iHollywoodbets Sharks kulimala abadlali ababili abamqoka.
ISharks izodlala neqembu lase-England, iGloucester, engekho amaBhokobhoko amabili, ukaputeni uLukhanyo Am noJaden Hendrikse.
Umdlalo unamuhla ngo-9 ebusuku, eTottenham Hotspur Stadium, eLondon.
U-Am ngeke esadlala kule sizini ngenxa yokulimala ehlombe nasezimbanjeni. UHendrikse walimala bebhekene neScarlets kwi-United Rugby Championship ngenyanga edlule.
“U-Am usazohlala isikhathi engadlali, noma ngingenaso isiqiniseko sokuthi ulimele kangakanani. Engingakuqinisekisa wukuthi ngeke esadlala kule sizini, kwi-URC nakwi-Challenge Cup,” kusho Neil uPowell, ongumqondisi weRugby kumaSharks.
“Kuhlale kunzima ukulahlekelwa abadlali abaseqenjini lesizwe, ikakhulukazi uma omunye wabo engukaputeni weqembu. ULukhanyo ulithwale kakhulu iqembu kule sizini. Uyabadinga abadlali abanjalo emidlalweni yomkhumulajezi. Silahlekelwe kakhulu.”
Okuzothoba amanxeba kubalandeli beSharks wukuthi u-Ethan Hooker, obelimele eqakaleni useluleme, maningi amathuba okuthi ezinye izethenjwa zamaBhokobhoko ebezilimele, u-Eben Etzebeth noVincent Koch, zibe khona.
“Ngicabanga ukuthi sinabadlali abanekhono. U-Ethan Hooker usesikhombisile ukuthi uyakwazi ukudlala kuleli zinga. Silindele nokuthi u-Eben benoVincent babuye, nokuyinto ezoba wusizo olukhulu kulo mdlalo onzima.”
Khonamanjalo: Umqondisi wezombhoxo kwiGloucester uGeorge Skivington, uthe umdlalo wamanqamu usemqoka kuwona womabili amaqembu.
ISharks ishaye udaka kwi-URC, lapho ilele khona endaweni ka-13 kwi-log kanti iGloucester iqede endaweni yesibili kusuka emsileni kwi-log yePremiership Rugby.
"ISharks inenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kusukela emuva kuya ku-Etzebeth, asebenqobe iNdebe yoMhlaba kulandelana. Banabadlali abaningi abangashintsha umdlalo ngokuphazima kweso futhi kufanele sikulungele lokho,” kusho uSkivington.
“Bayiqembu eliziqhenyayo futhi elinabalandeli abaningi. Siyafana ngoba nabo izinto azibahambelanga kahle kwiligi, ngakho-ke womabili amaqembu ayaqonda ukuthi lo mdlalo ubaluleke kangakanani.”
Iqembu elizonqoba isicoco seChallenge Cup lizozibekisela indawo emqhudelwaneni omkhulu, iChampions Cup, ngesizini ezayo.