KUBUKEKA kusekude ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baqale ukuthokozela ukusebenza kwe-Video Assistant Referee (VAR) kwiPremier Soccer League (PSL).
Lokhu kuhlaluke engxoxweni yaleli phephandaba no-Abdul Ebrahim oyinhloko yekomiti lonompempe kwiSouth African Football Association (Safa). U-Abdul uveze ukuthi impi abaphezu kwayo idalwa yisibalo esincane kakhulu sonompempe abanezitifiketi zokusebenza nge-VAR. Uthe bathathu kuphela abanazo. Labo ngu-Abongile Tom, Akhona Makalima abakwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast noZakhele Siwela. UMakalina, okunguyena yedwa unompempe wesifazane odlalisa imidlalo yeDSTV Premiership, usethimbeni layo iVAR kwi-Afcon.
Nakuba uTom ebizelwe ukuyoshaya impempe kodwa useke wabonakala emidlalweni embalwa esethimbeni le VAR. U-Ebrahim uqhube wathi lesi simo sibaphoqa ukuthi uma kuphela i-Afcon bahlale phansi, kuphinde kuboniswane ngezinhlelo ezibheke phambili zokusebenzisa lobu buxhakaxhaka kuleli.
" Akukuhle neze ukuthi iligi enkulu kangaka enjengeDStv Premiership ingayisebenzisi iVAR. Empeleni lokhu kuyihlazo. Into emqoka kakhulu, wukuqala ukuqeqesha ngobuningi onompempe bethu. Uma zihambe kahle izingxoxo, lezi zifundo kumele sizenze uma kuvalwa isizini. Ukufundisa ngeVAR kuthatha amasonto amahlanu noma ayisithupha," kubeka u-Ebrahim.
Uqhube wathi mkhulu umsebenzi obahlalele njengoba ukuze kuqalwe ukusetshenziswa kwalobu buxhakaxhaka kumele okungenani babe u-16 kuya ku-20 onondweba abanezitifiketi zeVAR.
Phambilini enye yezingqinamba evelile mayelana nokusetshenziswa kwale mishini wukuthi ezinye zezinkundla ezikho eqophelweni.
U-Ebrahim uthe sesikhona isixazululo.
" Sithole ukuthi ithimba le VAR lingaba ngisho egunjini elingaphandle kwenkundla bese imishini yalo liyixhuma ezintanjeni zesiteshi iSupersport okuyiso esisakaza imidlalo. Uma sithanda singaba namaloli angaba senkundleni okuzohlala kuwo ithimba lale mishini. Asinayo nencane inkinga yengqalasizinda. Inkinga ukwenza izifundo zeVAR".
Ngasekupheleni konyaka odlule kucashunwe elinye lamaphini kamengameli weSafa, uLinda Zwane, lithi iFifa isibanikile igunya lokusebenzisa iVAR. Wathi osekusele ukufundisa onompempe.
UVictor Gomez naye osekomitini lonompempe kwiSafa usanda kucashunwa ethi babheke ukuthi le mishini baqale ukuyihlola kowamanqamu weNedbank Cup odlalwa ekupheleni kwesizini. " Silinde i-CEO yeSafa ukuthi isinike umhlahlandlela. Nakuba zijabulisa lezi zindaba kodwa lokhu ngeke kwenzeke ngosuku olulodwa," ucashunwe kanje uGomez.
U-Ebrahim uveze nokuthi bayazigqaja ngomsebenzi omuhle owenziwa uTom noMakalima kwi-Afcon.
UTom unconywe kakhulu ngokuwubamba ngobuchule umdlalo weDemocratic Republic of Congo (DRC) ne-Egypt kwi-Last 16 ye-Afcon.
" Asingabazi ukuthi uzoba muhle umbiko weCaf ngalabonondweba. Ukwenza kwabo umsebenzi ngobuyoninco kuyizinkomba zokuthi ngeke kusinike inkinga ukuqala ukusebenzisa iVAR kuleli,“ kusho u-Ebrahim.