OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uBruce Ramokgadi unxenxa abaphathi beZimnyama ukuthi benze konke okusemandleni ukugcina uThalente Mbatha ofike waqhakaza kuleli qembu.
UMbatha (24) waKwaMashu ubolekiswe yiSuperSport United kwiPirates maphakathi nesizini ekade engasitholi isikimu kuMatsatsantsa ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt.
Wenyuselwe esikimini esikhulu seSuperSport kade egila izimanga kweseDStv Diski Challenge kumasizini amabili adlule. Kuvele ukuthi iphini lomqeqeshi weZimnyama, uMandla Ncikazi, yilona ebeliphambili ekutheni leli qembu lithole uMbatha amazela eThekwini esaqeqesha iLamontville Golden Arrows.
KwiPirates, uMbatha usephenduke undabuzekwayo ngebhola alidlalayo eliseqophelweni eliphezulu.
Isivumelwano esiphakathi kwePirates neSuperSport sinombandela wokuthenga uMbatha uma imfuna lomdlali ophelelwa yinkontileka ekupheleni kukaJuni.
URamokgadi owayesesikimini sePirates esawina indebe yeCaf Champions League ngo-1995 uthe eZimnyama azingamdedeli uMbatha.
“Loya mfana uyadlala. Ubadlula bonke abasayiniswe yiPirates. Basebenzile ngokumsayinisa. Bayafuneka abadlali basesiswini abakwazi ukushaya amagoli.
“Ngokwami kumele ayidlale yonke imidlalo kwiPirates futhi angakhishwa. Wenze umehluko omkhulu esiswini sePirates selokhu efikile. Uyamaka, uyahlasela futhi akasichithi isikhathi ebholeni,” kusho uRamokgadi.
Uqhubeke ngokuthi iPirates kufanele iwusebenzise umbandela wokumthenga kwiSuperSport.
Uthi uzwile ukuthi kunombandela onjalo esivumelwaneni salamaqembu sokubolekana, kufanele noma yikanjani iPirates imthathe, ingaliyeki leli thuba.
Ezinsukwini ezedlule umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro uthe uMbatha akamubheki njengomdlali obolekisiwe kodwa umthatha njengoweqembu. Wathi isinqumo mayelana nekusasa lakhe silele kubaphathi beZimnyama.
Lo mdlali usehlalise ebhentshini izethenjwa okubalwa kuzona uNdabayithethwa Ndlondlo, Fortune Makaringe, Thabang Monare noMiguel Timm.
Kulindeleke aqhubeke nokuthwala leli qembu njengoba lisembhidlangweni wokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
Imiswe kabi yiStellenbosch okuyiyona esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-50 emidlalweni engu-27. EZimnyama zikweyesithathu ngawu-49 emuva kwengu-27.
“IPirates kufanele iyodlala kwiChampions League, hhayi kwiConfederation Cup. Kumele ikulwele ukuqeda endaweni yesibili. Sekucacile ukuthi kunzima kumqeqeshi ukuwina iligi.
“Inkinga yakhe wukushintsha njalo isikimu, kumele ahlale phansi nabaqeqeshi asebeke bawina iligi kwiPirates, bamcebise ngokufanele akwenze,” kusho uRamokgadi.
IPirates izobuyela enkundleni namuhla lapho izobhekana khona neRichards Bay koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngo-8 ebusuku.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3pm: Moroka Swallows v Stellenbosch (Dobsonville Stadium); Polokwane City v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba).
Ngo-5.30pm: Mamelodi Sundowns v Royal AM (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-8pm: Orlando Pirates v Richards Bay (Orlando Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Golden Arrows v Chippa United (Mpumalanga Stadium); Cape Town City v TS Galaxy (DHL Cape Town Stadium).
Ngo-5.30pm: AmaZulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium).