Ukudlula komunye umdlalo onzima eNdebeni yoMhlaba yeT20 kumqinise idolo ukaputeni weqembu lesizwe likhilikithi labesilisa, u-Aiden Markram, nakuba ebefisa ukuthi izinto zenzeke kalula.
AmaProteas anqobe iWest Indies ngamawikhethi amathathu sekuvalwe amehlo emdlalweni wokugcina wamaqoqo (esigabeni seSuper 8) obuse-Sir Vivian Richards Stadium eSaint George, e-Antigua, ngoMsombuluko ekuseni.
Iqembu lakuleli yilona eliwine ithosi lakhetha ukushwiba kuqala, iWest Indies yaqeda ama-over angu-20 inama-run angu-135, isilahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili.
UTabraiz Shamsi uthathe amawikhethi amathathu, uMarco Jansen, Keshav Maharaj, Kagiso Rabada noMarkram bathatha eyodwa ngamunye.
Kuthe amaProteas esanda kuqala ukubhetha, umdlalo wamiswa ngenxa yemvula. Igcine isidlulile kodwa kwadingeka ukuthi kuhleshulwe ama-over amathathu, iqembu lakuleli lakalelwa ukuthi lishaye ama-run angu-123 ukuze linqobe umdlalo.
AmaProteas ahlaselwe yisifo sokuthi abadlali abayizethenjwa bahluleke ukuhlala isikhathi eside yize sebeqalile ukuhlanganisa ama-run. Oshaye amaningi kunabo bonke kube nguTristan Stubbs, oshaye angu-29 emabholeni angu-27.
Nokho iqembu lakuleli lilwe laze lanqoba ngasekugcineni, lafinyelela kuma-run angu-124 kusasele amabhola amahlanu.
“Sikhululeke emoyeni ngokudlulela kowandulela owamanqamu, yize besingathanda ukuthi singanqobi ngendlela ebucayi kanje. Inkundla ibisesimweni esihle ngemuva kwemvula kodwa thina sizame ukuwuqeda ngokushesha umdlalo,” kusho uMarkram.
“Sishwibe kahle, bangakwazi ukushaya inqwaba yama-run. Bekufanele siqinisekise ukuthi kukhona ababhetha isikhathi eside ndawonye. Sizofunda kulokhu okwenzekile, siqinisekise ukuthi asiwaphindi amaphutha afanayo.”
UMarkram, onokushwiba i-spin uma isimo sivuma, ushwibe ama-over amane kulo mdlalo, okuyisibalo esikhulu esivumelekile emidlalweni ye-T20. UShamsi, oqokwe njengomdlali ovelele, umncomile uMarkram ngomehluko awenzile.
“Ushwiba kancane ngenxa yokuthi ungukaputeni kodwa angimthathi njengomshwibi osafufusa. Ngokwami ngibona sengathi ubuye azincishe amathuba. Wenze kahle washwiba ama-over aphelele kulo mdlalo ngenxa yokuthi usifunde kahle isimo senkundla,” kusho uShamsi.
“Yilokho okuhle ngaleli qembu esinalo, asithembele kumdlali oyedwa. Sinenqwaba yabadlali abakwaziyo ukusinqobela imidlalo, akekho obhekene nengcindezi. Ngicabanga ukuthi yilokho okwenza sidlale ngokukhululeka.”
AmaProteas aqede esicongweni kuGroup 2 ngamaphuzu ayisithupha, adlulela kweyandulela owamanqamu ehambisana ne-England, elale isibili ngamaphuzu amane.
Iqembu lakuleli selinqobe imidlalo eyisikhombisa ilandelana selokhu kuqale lo mqhudelwano. Linqobe emine esigabeni sokuqala samaqoqo, laphinde laphuma phambili kwemithathu kwesesibili, iSuper 8.