IMENENJA ka-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates, ayibasoli nakancane abebegxeka umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokufaka lo mdlali esikwatini esiyibambe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast.
UPaul Mitchell weSiyavuma Sports Group, ophethe izindaba zikaMakgopa, uchaze lo mgadli njengoyikhethelo, ongafani nabanye. Uthe udinga umqeqeshi ozokwazi ukuqonda indlela adlala ngayo nokholelwayo kuyena.
Kusuke omkhulu umsido kuleli ngesikhathi umqeqeshi weqembu lesizwe, uBross efaka igama likaMokgopa esikwatini sokugcina sabadlali abawu-23. Iningi belimsola ngokuba buthuntu phambi kwamapali. UBroos akazange akugqize qakala lokho. UMakgopa uthole indawo emuva kokuhoxa komgadli, uLebo Mothiba, olimele. Selokhu kuqale i-Afcon, lo mqeqeshi usemqalise kuyona yonke imidlalo. Kusukela kowokuqala iBafana ishaywa iMali ngo-2-0, uMakgopa usadlale ingcwenga yebhola. Kubukeka ethole ukuqiniswa komqondo okusezingeni eliphezulu.
Umangaze abaningi evalela phakathi igoli lokuqala, beshaya iMorocco ngo-2-0 kowe-Last 16. Nasemdlalweni wama-quarterfinal iBafana ewudlale neCape Verde, yawunqoba kumaphenathi, uMakgopa udlale kahle kakhulu.
Empeleni ngaphambi komdlalo weCape Verde kade sekuqalile ukushintsha ukukhuluma ngalo mdlali.
Nakuba engadlile ngokushaya amagoli kodwa uselime indima enkulu empumelelweni yakamuva yeNingizimu Afrika.
"Ngijabule ngendlela eyisimanga ngendlela u-Evidence adlala ngayo. Ngiyabezwa nje abantu begxeka, lo mfana uwumgadli wekhethelo. Okungijabulisayo ukuthi nabantu sebeqala ukukholelwa kuye. Asibonge umqeqeshi uBroos ngokumnika ithuba. Ukuba ulandele iningi elimgxekayo ubengeke amdlalise," kubeka uMitchell.
Uqhube wathi:"Ngiqala ukumbona u-Evidence ngavele ngabona ukuthi lo mdlali uyigolide. Ubukhali abuye abemuhle emoyeni. Unethalente lokudalwa, kuningi asazokwenzela ibhola lakuleli.“
UMitchell udalule ukuthi ngaphambi kokuthi uMakgopa ejoyine iPirates ubefunwa iqembu laseFrance angalishongo igama. Ngaphambi kokujoyina eZimnyama lo mgadli olishiyile igabade, ubedlala kwiBaroka esigijima kwiMotsepe Foundation Championship.
"Kwase kusele kancane ukuthi siqede konke naleli qembu laseFarance. Lalichazeke ngendlela eyisimanga. Okuhlekisayo ukuthi kuleli alikho iqembu elalimnakile. Kwathi singazelele kwaqhamuka iPirates, yabeka into ephathekayo etafuleni. Imthathe kanjalo. Yingakho ngithi u-Evidence uwumdlali wezinga eliphezulu," kubeka uMitchell.