ICACE bha indima eklanywa ngezemidlalo ekufukuleni amakhono abantu abasha nasekubasuseni emikhubeni ezoqeda nya ngekusasa labo. Lokhu kugqame okwenkukhu emhlophe ehlungwini ngesikhathi intsha yaseBig 5 Hlabisa idlana imilala emidlalweni ehlukahlukene. Kubazali nasemalungeni omphakathi ongaphansi kwalo masipala igcagcele esokeni ngesikhathi bebona abantu abasha bedelisana inkani ngamakhono.
Le midlalo, ebisezinkundleni zasePhumlani, ibihlanganise amaqembu abeqhamuka kuma-ward ahlukene akule ndawo.
UMnuz Zenzinkosi Shongwe, ongusihlalo wesigungu sezemidlalo eBig 5 Hlabisa, unxenxe abantu abasha ukuthi bayisukumelele phezulu imidlalo efuze lena.
"Asibuye ngokuzayo. Sizobamba iqhaza emidlalweni ngoba ukudlala kubalulekile kithi sonke. Siyacela ukuthi le midlalo ingapheli. Abantu abasha njengoba behlangana emidlalweni efana nalena, bayavikeleka ezintweni eziningi ezingalungile," kuphawula uShongwe.
UMnuz Njabulo Gumede, ongumqeqeshi weThanda Lions, uhambe emazwini kaShongwe futhi wabuye wancoma ukudlala ngokuzikhandla kwamalungu eqembu lakhe.
"Konke esikwenzayo sikwenzela ukuthuthukisa iqembu. Nabo abakwenzayo bazenzela bona. Esizigqaja kakhulu ngakho ukuthi ukuphumelela kwabo emidlalweni efana nalena kuphakamisa igama leqembu," kusho uGumede.
Iqembu elidle umhlanganiso likhale lemuka nomklomelo ohambisana noR4000, eliphume isibili lihlabane nomklomelo ohambisana noR2500 kwathi elilale isithathu lagoduka nomklomelo kaR1500.
IMya yomkhandlu iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe bahlose ukuthi le midlalo iqhubekele phambili njengoba ngoDisemba kuzoba nemikhulu yesifundazwe.
"Sifisa abadlali babambe iqhaza ngoba kuyaphileka ngayo. Kungenzeka basizakale abadlali ngokutonyulwa ukuba bayodlala emaqenjini amakhulu," kuphetha uKhumalo.