UZOBUYA ngomfutho umkhankaso weMamelodi Sundowns wokuwina isicoco se-Absa Premiership kulandela ukululama kwesithenjwa uSibusiso Vilakazi olimale nyakenye esekhempini yeBafana Bafana.
UVilakazi, ulimale umsipha ongenhla kwesithende ngesikhathi iBafana idlala neSuperSport United kowokuzicijela eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations neSeychelles ngo-Okthoba nyakenye. Lokhu kushaye kwazwela kwiDowns kwazise uVilakazi ubesefomini ngaleso sikhathi.
Iphini lomqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi, uzwakalise ukungenami kwakhe ngokulimala kukaVilakazi eqenjini lesizwe, wafuna izimpendulo ngokulimala komdlalo wabo. Ngemuva kokulimala kukaVilakazi kuvele ukuthi ngeke esadlala kule sizini.
Nokho leli phephandaba lithole ukuthi makhulu amathuba okuthi uVilakazi abonakale enkundleni ngemuva kwekhefu leFifa.
Umthombo osondelene noVilakazi ukuqinisekisile ukuthi useziqeqesha ngokugcwele neqembu. “Useluleme ngokugcwele manje, useyaziqeqesha neqembu. Emuva kwekhefu leFifa makhulu amathuba okuthi umqeqeshi (Pitso Mosimane) ambophele ikakhulukazi ngoba iqembu linemidlalo eminingi. Ujabule ngokuthi ubuyela enkundleni. Isifiso sakhe esikhulu esokungena eqenjini elizodlala kwi-Afcon uma kwenzeka sigcina sikwazi ukudlala kuyo,” kusho umthombo.
ISundowns izobuyela enkundleni ngo-Ephreli 7 uma isibhekene nomakhelwane iSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. AmaBrazilians asahlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-43 emuva kwemidlalo engu-23 ashiya iBidvest Wits esendaweni yesibili ngamaphuzu amabili. Akubuzwa ukuthi ukubuya kukaVilakazi kuzowushubisa umkhankaso wokuwina isicoco seligi okwesibili amasizini elandelana.
Okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa, uthe nakuba eseluleme uVilakazi kodwa akazi ukuthi uzobuyela nini enkundleni.
Isizini ka-2018/2019 ishaye yazwela kubadlali abahlukene emaqenjini ikakhulukazi abebekade beyizethenjwa okwaziwayo ukuthi bayoze bakhahlele ibhola ngesizini ezayo. ICape Town uCity igqemeke ingozi
engeqiwa ntwala ilinyalelwa yizethenjwa zasenkabeni yenkundla uRoland Putche noThabo Nodada. Lokhu kumphazamise kakhulu umqeqeshi uBenni McCarthy kwazise iqembu ubekade elakhele phezu kwabo. Kwenzeke okufanayo kwiKaizer Chiefs kulimala uJoseph Molangoane nonozinti * -Itumeleng Khune.
Nakuba uMolangoane, owaphuka umlenze ngesikhathi iChiefs
idlala neFree State Stars ngo-Agasti nayakenye, eseqalile ukuziqeqesha neqembu kodwa umqeqeshi * -Ernst Middendorp ukubeke kwacaca ukuthi uyoze ayibone ngesizini ezayo indaba yakhe.