Mbabane Swallows (0)0
Mamelodi Sundowns (3)4
IMamelodi Sundowns izinciphisele umsebenzi inenebula iMbabane Swallows yaseSwatini emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo eCaf Champions League eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli eSundowns ashaywe nguLucas Ribeiro (amabili) Musa Lebusa no-Iqraam Rayners esiwombeni ngasinye.
Ngokunqoba ngamagoli amaningi kowomlenze wokuqala, iSundowns akubuzwa ukuthi isingene ngonyawo olulodwa esigabeni samaqoqo seChampions League okuzogadulisana kusona amaqembu angu-16. AmaBrazilians asemkhankasweni wokuwina iChampions League aselokhu ayigcina ngo-2016 esaqeqeshwa nguPitso Mosimane.
Umdlalo womlenze wesibili, iSundowns ezowudlala njengeqembu lasekhaya, uzobuyela khona eLucas Moripe ngoSepthemba 21. ISwallows idinga ukwehlula iSundowns ngo 5-0 ukuze izongena esigabeni samaqoqo.
Enkundleni, iSundowns icacise zibekwa ukuthi izozihambela kalula kwiSwallows engompetha beligi yaseSwatini. Isheshe yayibhakuzisa inethi ngesikhathi uRibeiro eshaya phakathi iphenathi edaleke ngemuva kokudlaliswa kabi ebhokisini kuka-Asekho Tiwani ngomzuzu wesithathu. Emuva kwalokho, amaBrazilians aqhubekile nokuhlasela ephindelela. Ngomzuzu ka-17, uLebusa ungqofele phakathi ibhola kukade kuyikhona. Sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini, uRayners uqobele phakathi ibhola aliphaselwe nguRibeiro ebhokisini.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye nomfutho ofanayo nowesiwombe sokuqala. Ngomzuzu ka-54, uRibeiro uyishayele elesine emuva kwebhola eliphunyuke izitobha seSwallows.
UCaleb Ngwenya, ongumqeqeshi weSwallows, uvumile ukuthi iSundowns ibingaphezu kwabo.
“Bekuwumdlalo onzima. Bebengaphezu kwethu. Bekuthi noma sizama ukusondela kodwa bathole izikhala. Umehluko wezinga ubonakele. Sizophindela emuva siyolungisa. Esingakwenza manje wukulwela ukunciphisa amagoli,”kusho uNgwenya.
Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi uthe:“ Bekungewona umdlalo olula kodwa mhlawumbe kusisebenzele ukusheshe sishaye amagoli ngoba emuva kwalokho baphoqekile ukuza kithina, kwavuleka izikhala. Nakuba sidlale kahle nasesiwombeni sesibili kodwa angeneme ngendlela esisehlise ngayo isivinini sebhola.”
ISundowns izobuyela enkundleni ngoLwesithathu uma isiyobhekana nomakhelwane, iSuperSport United, emdlalweni wokuqala weBetway Premiership ozoba seLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.