Mamelodi Sundowns (2)5
Golden Arrows (0)0
Kuye ngamagama enkehli kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, bezigwazela ibhece kwiLamontville Golden Arrows kwi-Last 16 yeCarling Knockout eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli eSundowns ashaywe nguThapelo Morena, Iqraam Rayners, Mothobi Mvala, Peter Shalulile noKutlwano Letlhaku eziwombeni ezahlukene.
ISundowns iphinde yaqala umdlalo ngaphandle kwezethenjwa uKhuliso Mudau noTeboho Mokoena ongene esiwombeni sesibili. Laba badlali abebengasitholi isikimu ngaphansi kukaMngqithi, bebeyibambe kwiBafana Bafana ekuqaleni kwesonto. Esithangamini nabezindaba, uMngqithi uthe sebekulungisile obekukhona phakathi kwakhe nalaba badlali. ISundowns idlale ngaphandle kukaThemba Zwane okuvele ukuthi uzohlala izinyanga ngenxa yokulimala. UMngqithi ubekubeke kwacaca ukuthi ngeke ayizwele nakancane i-Arrows phezu kokuba inendawo enhliziyweni yakhe kwazise iyona eyamnika ithuba lokuqeqesha esigabeni esikhokhelayo.
Lokhu kushehe kwabonakala enkundleni ngesikhathi iSundowns ihlasela zibekwa. Le ngcindezi isheshe yazwela kuBafana Bes’thende kodwa akukho obekukhathaza unozinti, u-Edward Maova. Ngomzuzu ka-14 ulande enethini ibhola likaMorena abeligingqelwe nguLucas Ribeiro ngasemgqeni webhokisi. Emuva kwaleli goli, iSundowns iqhubekile nokuphungwa ngezithebe. Ngomzuzu ka-30 abadlali beSundowns balusefe baluqeda udonga lwasemuva lwe-Arrows, uRayners waqobela phakathi ibhola alinikwe nguTashreeq Matthews esesele ngemuva uMaova. Ziye ekhefini i-Arrows ingenawo nowokubika umzamo emapalini eSundowns.
Esiwombeni sesibili, iSundowns iqhubekile nokuphatha umdlalo kodwa i-Arrows ibisikhombisa ukuhlangana. Ngomzuzu ka-60 unozinti weSundowns, uRonwen Williams uchithele phezu kwepali kaKnox Mutizwa. Phezu kweminyakazo eminingi ethembisayo, i-Arrows ibihluleka uma isifike phambili. Ngomzuzu ka-74, uMvala ungqofele phakathi ikhona kaThembinkosi Lorch obesanda kungena. Emuva kwemizuzu emithathu, uShalulile uqobele phakathi ibhola aligingqelwe nguMorena kwesokudla. ISundowns iqhubekile nokuba yingozi, isebenzisa izikhala ezishiywa yi-Arrows uma ihlasela. Ngomzuzu ka-82 uLetlhaku uyishele igoli lesihlanu emuva kwebhola alinikwe nguRivaldo Coetzee.