IKAIZER Chiefs imemezele ukuthi izohlonipha unozinti wayo osemnkantshubomvu,, u-Itumeleng Khune, emdlalweni ezowudlala ekhaya eFNB Stadium ngoMgqibelo.
Le nkakha kanozinti izohlonishwa emdlalweni Amakhosi azowudlala nePolokwane City ngo-3 ntambama njengoba besalwela ukugcina indawo yabo ku-top-8.
Esitatimendeni leli qembu lase-Naturena elisikhiphile ngoLwesine ebusuku lithe lizomubonga lo nozinti.
“Sizohlonipha u-Itumeleng Khune emdlalweni wasekhaya wokugcina kule sizini. Umdlalo esizowudlala nePolokwane City uthembisa ukuba nomuzwa kanye nokubhiyoza njengoba iqembu, abadlali kanye nabalandeli bebonga kumdlali ohlonishwa kakhulu emlandweni we-Chiefs,” kusho isitatimende.
“UKhune uyaziwa kakhulu ebholeni lase Ningizimu Afrika futhi usebe yinsika ye-Kaizer Chiefs imimnyaka engu-20 njengoba afika esemncane eqhamuka eVentersdorp eNorth West ngo-1999.
“Waqala ezinkuliseni zalo iqembu ngaphambi kokuthi akhushulelwe esikimini esikhulu ngesizini ka-2004/2005. Waqeda iminyaka emihlanu ezinkuliseni njengoba ezoqeda isizini ka-20 neqembu elikhulu,” kuqhuba isitatimende.
Ukhune usedlalele leliqembu izikhathi ezingu-429, wawina iligi kathathu, iTelkom Knockout kathathu, i-MTN-8 kabili ne-Nedbank Cup kanye. Ungomunye kwababili onozinti oseke wawina umklomelo wendondo yomdlali wonyaka ngesizini ka-2012/2013. Udlalele iBafana Bafana koweNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010.
Ekuqaleni kwesizini, iChiefs yamemezela ukuthi isayinise uKhune inkontileka yokugcina. Nokho lo nozinti ubelokhu ekuveza ukuthi usafuna ukuqhubeka nokudlala ibhola.