Kaizer Chiefs (0) 0
Moroka Swallows (0) 0
IKaizer Chiefs iphinde yalahla amaphuzu ibambana neMoroka Swallows emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ebusuku.
IChiefs, ebeyize kulo mdlalo ibheke ukubuyisa isithunzi kulandela ukukhishwa yiMilford FC kwiNedbank Cup Last 32, igoduke nephuzu kuphela.
Empeleni onozinti bawo womabili la maqembu uBrice Bvuma weChiefs noDaniel Akpeyi weSwallows abavimbanga mabhola anzima ngesiwombe sokuqala. Lokhu kuwubufakazi bokuthi abagadli bala maqembu bebebuthuntu phambi kwamapali.
Emizuzwini embalwa zibuye ekhefini, iChiefs izithole isishoda kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kuka-Edmison Dove ojeziselwe ukubamba uGabadinho Mhango esephunyukile, esezobhekana noBvuma ngomzuzu ka-48.
Ukuduma okubi kwezulu kuphoqe ukuthi unompempe, u-Olani Kwinda, awumise umdlalo ngemuva kwemizuzu engu-30 zibuye ekhefini.
Ekubuyeni kwala maqembu enkundleni ngemuva kokudamba kokuduma kwezulu, iSwallows yiyona ethole amathuba amaningana okushaya igoli.
Empeleni nakuba kuyakhulunywa ukuthi iChiefs igcine ibuya nephuzu kulo mdlalo, kumele ibonge unozinti wayo uBvuma ovimbe amabhola amaningi amabi.
Uqale waphebeza imbumbulu yeshodi ebidedelwe nguBasil Mphahlele ngaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-68.
Ulandele ibhola likaMhango ngomzuzu ka-81 sekuvalwe amehlo, waphinda wageza uLindokuhle Mtshali ngomzuzu ka-88.
UNkosingiphile Ngcobo obesuka ebhentshini ucishe washayela iChiefs igoli lokunqoba ngomzuzu ka-94 wesikhathi ebesengezwe ngunompempe, edudula ishodi eliphebezwe ngu-Akpeyi.
Lona bekuwumdlalo wesibili weligi kulandena Amakhosi edlala ngokulingana selokhu kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon). Emasontweni adlule ibambane ngo 0-0 neRoyal AM.
Amakhosi azobuyela ensimini eseyobhekana neLamontville Golden Arrows ngoLwesithathu ngaphambi kokuyogadulisana ne-Orlando Pirates kowabakhaya baseSoweto ngoMgqibelo eFNB Stadium.
Kanti iZinyoni zizobhekana naMaZulu FC ngoLwesithathu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.