UKUNGABI nomholi oqondile ngenye yezinto ezandisa izinkinga zeKaizer Chiefs, ngokusho kowayengukaputeni waleli qembu, uNeil Tovey.
Amakhosi aphinde athola isibhaxu emdlalweni weDStv premiership ngeSonto ntambama, enqotshwa yiRichards Bay FC ngo 1-0.
Ngesikhathi kuqala isizini u-Itumeleng Khune nguyena owayengukaputeni kodwa waphucwa lesi sikhundla ngoDisemba ngemuva kokuvela phambi kwekomiti leqembu lokuqondisa izigwegwe lapho alahlwa khona icala. Ngokwemibiko, lo mdlali wafika ejimini ebukhile.
Abanye abadlali asebeke bagqoka ibhande likakaputeni kuleli qembu nguKeagan Dolly, Yusuf Maart noBrandon Peterson. Muva nje linikwe isitobha, uGiven Msimango, ofike ekuqaleni kwale sizini esuka kwiTS Galaxy abekade ewukaputeni wayo.
Ebuzwa ngalokhu uCavin Johnson, oyibamba lomqeqeshi kwiChiefs, uthe akayiboni inkinga ngokushintshashintshana kwabadlali ngebhande.
“Uma ubheka iqembu lethu ngokuphelele, ngingasho ukuthi liseyiqembu elisha. Ngicabanga ukuthi u-Itu (Khune) kuphela osehlale iminyaka engu-20 noma ngaphezulu, abanye basebasha eqenjini,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo weBay.
“Kuya ngokuthi kukhethwe bani ukuthi ahole iqembu. Uma engekho kungena omunye. UKeegan ulimele, uYusuf naye kanjalo. U-Itu usazama ukulwela ijezi.
“Lokho kwenza uGiven kube nguyena olandelayo, olungele ukuhola iqembu. Mina ngikholelwa ekutheni iqembu neqembu kufanele libe nabaholi abangu-11 enkundleni. Angiyiboni inkinga lapho,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Nokho uTovey akaboni ngaso elinye nalo mqeqeshi njengoba ethi ngisho nengane encane iyabona ukuthi ikhona inkinga ekhona ehambisana nokungabi khona kobuholi obuqondile. Uthe uma bekhona, abakhombisi ukuwenza ngendlela umsebenzi wabo enkundleni.
Izinkinga zeChiefs zibukeka zelekanyana. Ngaphandle kokungabi nomholi oqondile enkundleni, idliwa yinduku njengoba isihlulwe kwemithathu ilandelana eyeligi. Le miphumela engemihle isiyehlisele endaweni ka-10 kwi-log kanti kubukeka izoqhubeka nokwehla uma ihluleka wukuqoqa amaphuzu emidlalweni esele.
“Kubukeka sengathi buyashoda ubuholi eqenjini. Akekho umdlali ogqamile, obonakala ehlanganisa abadlali ebagqugquzela uma izinto zingahambi kahle noma uma benza amaphutha. Ngokubona kwami wonke umuntu uzenzela into ayicabangayo,” kusho uTovey ekhuluma neSolezwe izolo.
“Inkinga enkulu kakhulu kodwa wukuthi liphansi izinga lokuzethemba eqenjini. Yinto okufanele ilungiswe enkundleni leyo. Ningakhuluma kuze kome amathe emihlanganweni ngaphambi komdlalo kodwa uma sekushisa phakathi kudingeka umholi noma abaholi abaqotho.
UTovey, owagijima kwiChiefs kusukela ngo-1990 kuya ku-1999, uthe angalithokozela ithuba lokuxoxa nabadlali, abakhumbuze ukuthi kusho ukuthini ukudlalela leli qembu, abaqinise idolo.
“Ngiyayibona eyokulimala kwabadlali ngoba yinto eyenzekayo ebholeni kodwa kufanele sizibuze ukuthi kungani umdlali onamava njengoKhune ebhekene nezinkinga ezingaka, eseziphazamise nobuholi bakhe,” uTovey uqhube kanje.
“Kukhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle ngaphakathi eqenjini. Ngiyangabaza ukuthi laba badlali bayazi ukuthi bangakanani abantu abahlukumezekayo ngenxa yemiphumela engemihle. Bahlukumeza imindeni enezizukulwane nezizukulwane ezilandela leli qembu.
“Ngingathanda ukulisiza iqembu. Ngiyafisa ukuthola ithuba lokukhuluma nabadlali ngqo. Uma kungemina, kungaba abanye abakuqondayo ukuthi kusho ukuthini ukudlalela iChiefs futhi abake baba yingxenye yobuholi beqembu.”
Amakhosi asengcupheni yokungabalwa namaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini, azodlala kwi-MTN 8 ngesizini ezayo.
UTovey uthe kungaba yihlazo uma leli qembu lingagcina lingangenanga kwiTop 8.
“Indlela abangabuyisa ngayo ithemba ukuthi benze kahle kule midlalo esele, bayiqede ngenothi elihle isizini, baphinde bazibeke ethubeni lokuyiqala (ezayo) ngokuphakamisa indebe,” usho kanje.
“Uma bekwenza lokho kuzofanele baphinde babuyekeze indlela abasayina ngayo abadlali. Iqembu elikhulu njengeChiefs kufanele ngabe linezinhloli eziphambili, ezikwazi ukuthola abadlali abashisayo ezindaweni ezehlukene,” kuphetha yena.