UHLOSE ukuhlanganisa indlela yokudlala ezojabulisa abadlali iphinde inqobise iqembu imidlalo umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
AmaBrazilian aphinde enza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi ngemva kokuhlukana nobeyinhloko yabaqeqeshi, uManqoba Mgqithi izolo.
Leli qembu lasePitoli, llisivale ngomqeqeshi wasePortugal, isikhala sikaMgqithi, owayenikwe izintambo ngesikhathi kushiya uRhulani Mokwena ngoJulayi.
Ngaphansi kobuholi bukaMngqithi, amaSandawana akhishwe yiStellenbosch FC kowandulela owamanqamu eMTN8, anqotshwa yiMagesi FC ngo 2-1 kowamanqamu weCarling Knockout.
Abesahamba kahle kwiBetway Premiership lapho eqhwakele khona kwi-log ngamaphuzu angu-21 emidlalweni eyisishiyagalombili.
Okubukeka kuholele ekutheni uMngqithi akhonjwe indlela, yibatha abaqale ngalo isigaba samaqoqo kwiCaf Champions League lapho besacoshe amaphuzu amabili emidlalweni emibili.
Bavule kuGroup B ngokubambana ngo 0-0 neManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo, badlala ngokulingana ngo 1-1 ne-AS FAR yaseMorocco.
Ngaphandle kukaMngqithi, iqembu lidedele abanye abasizi bakhe, uRomain Folz, noWendell Robinson. USteve Komphela, noKennedy Mweene basazoqhubeka nokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi.
Ekhuluma nabezindaba okokuqala, uCardoso usheshe wayicacisa indlela afuna iSundowns idlale ngayo.
“Kusobala ukuthi abadlali esinabo banesiphiwo futhi bayigolide kumqeqeshi okholelwa ekuwuphatheni umdlalo. Noma kunjalo, kuzoba nezikhathi lapho silahlekelwa khona yibhola, okusho ukuthi kuzofanele siqine ukuze silibuyise.
"Umdlalo awuwunqobi ngosuku lwawo kodwa uwunqoba ngokwenza ngesikhathi uwulungiselela. Yilowo moya engifuna ukuwuletha eqenjini. Ngikholwa wukuthi sizobenza abadlali bakholelwe kithina futhi sizobahlanganisela into abazoyithokozela. Abadlali bayamlandela umholi uma nabo bekujabulela abakwenzayo."
UCardoso (52) ubengenalo iqembu selokhu ahlukana nelaseTunisia, i-Esperance, ngo-Okthoba nonyaka. Nguyena owayecija leli qembu ngesikhathi likhipha iSundowns kowandulela owamanqamu weChampions League ngesizini edlule.
Ngaphandle kokufika kowamanqamu eChampions League, wanqoba isicoco seligi ne-Esperance. Uzofika nabasizi bakhe abathathu uFabio Fernandes, uPedro Azevedo, noJoão Araújo.
UCardoso useke waqeqesha inqwaba yamaqembu asePortugal, France, Greek, Spain nakwezinye izindawo njengeShakhtar Donetsk, Nantes, Rio Ave, Celta Vigo, AEK Athens namanye.
Usihlalo weMamelodi Sundowns, uTlhopie Motsepe, uthe yize bekungelula ukuthatha isinqumo sokushintsha umqeqeshi kodwa banethemba lokuthi lokhu kuzobuyisela iqembu ezingeni elijwayelekile.
“Lokhu sikwenze ngoba sibona kunesidingo sokuthi silungise izinto kabusha, siqinisekise ukuthi iqembu lethu liyakwazi ukufeza imigomo esizibekele yona,” kusho uMotsepe.
“Lesi bekungesona neze isinqumo esilula. Abaqeqeshi uMngqithi noRobinson bahlale iminyaka kuleli qembu. Babekhona ngesikhathi iqembu liqopha umlando namarekhodi amahle futhi balisebenzele ngokuthembeka. UFolz ubesanda kusijoyina, naye ufike wasebenza ngokuzimisela
“Kumele sihambe ngenye indlela kodwa lokho sikwenza sazi ukuthi njengoba siya phambili kufanele sithuthukise abaqeqeshi nabadlali base-Afrika nabaseNingizimu Afrika. Nakuba sizokwenza lolu shintsho ebuholini kodwa sisazoqhubeka nabaqeqeshi ababili, okunguSteve Kompela noKennedy Mweene.”
ISundowns izobuyela enkundleni ngeSonto ngo-3 ntambama lapho izodlala khona owesithathu weChampions League neRaja Casablanca eLoftus Versfeld.
Umlando omfishane ngoCardoso
-Wazalelwa eTrofa, ePortugal
-Waqala ukuqeqesha emaqenjini amancane eFC Porto
-Wasebenza njengephini lomqeqeshi kwiOs Belenenses, SC Braga, Sporting CP neDeportivo La Coruna
-Waqeqesha okokuqala esigabeni esiphezulu ngo-2017, ehola iqembu lasePortugal iRio Ave.
-Unqobe isicoco seligi eTunisia ne-Esperance ngesizini ka-2023/24