USIHLALO nomqeqeshi weJomo Cosmos, u-Ephraim “Jomo” Sono, useveze isizathu esimgqugquzele ekubuyeleni esikhoweni sakhe esidala saseNewcastle, ukuyokwenza inhlolokhono.
ICosmos izoba nenhlolokhono yokuhlonza abadlali Osizweni Stadium eNewcastle, ngo-Agasti 31 kuya kuSepthemba 1, ngo-9 ekuseni kuzo zombili izinsuku.
Ngo-Agasti 31 kuzoqalwa ngenhlolokhono yabadlali baka-U-13 no-U-15, ngoSepthemba 1 kube ngabadlali baka-U-17 no-U-19.
Ngemuva kwale nhlolokhono, iJomo Cosmos edlala kwiSafa Gauteng ABC Motsepe League, izozwana amandla noMsinga United edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, ngalo iSonto langoSepthemba 1.
Engxoxweni abenayo neSolezwe, uSono uthe ubone kunesidingo sokuthi aye emadolobheni amancane nasezindaweni zasemakhaya ezikude namadolobha amakhulu ukuze ahlonze ikhono.
“ICosmos inomlando omuhle neNewcastle, kusukela ngithola abadlali abanohlonze kuleya ndawo eminyakeni edlule. Lapha ngibala uSizwe Motaung ongasekho, u-Innocent Mncwango, noHelman Mkhalele. Ngakho-ke kunginika umdlandla ukuza ezindaweni ezinjengoNewcastle nezinye izindawo zasemakhaya ezikude namadolobha amakhulu ngoba abadlali bakhona balambele impumelelo,” kusho uSono.
UMotaung wasoSizweni noMncwango waseMondlo, eVryheid, bathathwa yiCosmos ngemuva kokugawulwa yizembe kwe-Leeds United ngesizini ka-1989 kwiNSL First Division.
Sekungumlando ukuthi uMkhalele noMncwango bawina iCaf Champions League ngo-1995 nePirates, kwathi uMotaung noMkhalele baba seqenjini lesizwe elanqoba i-Africa Cup of Nations ngo-1996.
USono uqhube wathi ngale nhlolokhono ufuna ukuthola abadlali azoqinisa ngabo isikwati seqembu lakhe elidlala kwi-ABC Motsepe League, akubeke kwacaca ukuthi kule sizini ezoqala ka-2024/25, ufuna ukulibona lilwela ukubuyela esigabeni seMotsepe Foundation Championship.
“Le sizini ezoqala kuzobe sekungeyesithathu kwiMotsepe League, ngakho ngiyafunga ngiyagomela ukuthi siyodlala kweyokuhlunga kazwelonke ukulwela ukukhuphukela kwi-First Division (Motsepe Championship) ekupheleni kwayo.
“Abantu bazozisholo bona ngomdlalo wobungani esizowudlala noMsinga United ngemuva kwenhlolokhono, ukuthi iCosmos iphetheni kule sizini. Ngale kwalokho, ngisakholelwa kakhulu ekukhuliseni abadlali abancane, njengoba ngizobe ngihlonza nabanye abadlali engizobasa enkulisa yeCosmos,” kusho uSono.
Ezenkosi zagawulwa yizembe kwi-Premiership ngesizini ka-2015/16. Zaphinda zehlelwa wumshophi ofanayo, kwiMotsepe Championship ngesizini ka-2021/22, zehlela kwi-ABC Motsepe League.