UKUDLALELA iBanyana Banyana amahlandla angaphezulu kuka-100 kuyamthobisa umgadli waleli qembu lesizwe, uJermaine Seopesenwe kodwa ukukhipha iNigeria endleleni ebheke kuma-Olympics aseParis, eFrance yikhona okuzokwehla nakangcono.
USeopesenwe ungomunye wabadlali okubhekwe lukhulu kubona emdlalweni womlenze wokuqala osekuhambeni ngo-Ephreli 5.
Kuzodlula izinsuku ezine, lama qembu esizwe aphinde abhekane kowowesibili ozokuba seLoftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku ngo-Ephreli 9.
Amathikithi omdlalo wasekhaya weBanyana aseyatholaka ePro Ticket ngo-R50 awabadala, kube u-R20 awezingane.
IBanyana neNigeria bobabili abebengekho kuma-Olympics aseTokyo, ngo-2020, bamelwe ukubanga indawo eyodwa yezimbili ezibekelwe i-Afrika kuma-Olympics aseFrance kusukela ngoJulayi 26.
Lo mgadli ogijima kwiFC Monterey yaseMexico, uzizwa ethobekile ukuthi usanda kuhlanganisa imidlalo eyikhulu kwiBanyana kodwa ukuzitholela indawo eParis, kuzoyenza yehle kahle indaba yakhe yokuthi usedlalele iqembu lakhe lesizwe amahlandla angaphezulu kuka-100.
Enye indawo ebekelwe i-Afrika izobangwa iZambia neMorocco. Ozonqoba phakathi kweNigeria neBanyana ozongena eqoqweni elibophele iBrazil, Spain neJapan.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngokuba ingxenye yaleli qembu elilokhu liqhubeka nokuqopha umlando kodwa okuzokwehla kahle kakhulu ukudlula kwiNigeria sizibekisele indawo kuma-Olympics,” kusho uSeopesenwe ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Akekho ongazi ukuthi izoba lukhuni kangakanani iNigeria ngakho-ke simelwe ukuzibamba ziqine okwangempela.
“Imidlalo yethu nabo ihlale inzima kodwa njengoba sizobe sibanga indawo eyodwa kuma-Olympics kuzokuba lukhuni satshe.
“Amathuba okunqoba sinawo ngoba sinesipiliyoni sokudlala nabo ekhaya nasekuhambeni kodwa konke kulele ekutheni sizimisele kangakanani ukufela enkundleni ngoba nabo bazobe benza okufanayo,” kuqhuba lo mgadli oshaye elinye lamagoli okunqobe ngawo iBanyana kwiTanzania njengoba isiziqhathe namaSuper Falcons.
Eminyakeni edlule, uSeopesenwe ube nesandla ekufakeni leli qembu lesizwe kuma-Olympics ango-2016 eRio de Janeiro, eBrazil nakwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa ebiseFrance ngo-2019.