UYAZIHLANGULA ezinsolweni zokuchapha ngezinhlamba ezesabekayo ibhentshi leChippa United umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ozichaze njengomuntu ophansi futhi ongenalo udlame.
Emuva komdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup osekungumlando ukuthi unqotshwe iPirates kwiChippa ngo 3-1, omunye wabaqeqeshi beChilli Boys, uKwanele Kopo, usole uRiveiro ngokubethuka.
UKopo uveze lezi zinsolo okokuqala ekhuluma kwiSuperSport ngemuva kwalo mdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Okunye uKopo akhale ngakho ukuthi kusukela umdlalo uqala, uRiveiro ubelokhu echukuluza umgadli wakhe, uBienvenu Eva Nga, osanda kuhlukanisa nePirates, nokugcine lo mdlali ekhishwa ngekhadi elibomvu ngoba ubesecasukile.
“Kuyishwa ukuthi umdlalo wonke bekunamazwi aqosheme aqhamuka ebhentshini lePirates kodwa unompempe engasho lutho. U-Eva Nga uze wathola ikhadi elibomvu ngoba ubechukuluzwa umdlalo wonke. Kuyimanje akakwazi nokungibuka emehlweni akezanga ngisho nokuzongixhawula,” kusho uKopo ekhuluma nabeSuperSport ngemuva komdlalo.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi lesi siteshi siqede ukuba nengxoxo noRiveiro.
Nakuba iPirates idlale kahle yaphinde yazifaka kowamanqamu weNedbank ngamagoli amabili amahle, kaKabelo Dlamini nelikaThapelo Xoki, ukuphakama kwemimoya emabhentshini womabili ikhona okugcine sekukhulunywa ngakho kakhulu esikhundleni somdlalo obuhlabahlosile.
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba, uRiveiro ukuphikile ukuthi abekwenza ngesikhathi kuqhubeka umdlalo bekuphuma esandleni kepha uzizwe ephoqelekile ukuba enze akuqashelwe okuhlanganisa nokuvikela abadlali bakhe.
“Kuningi obekwenzeka enkundleni nangaphandle kwayo okungangijabulisi okuyikhona futhi okuphakamise imimoya kuwona womabili amabhentshi,” kusho uRiveiro.
“Okuningi kwalokhu akuhlangene ngisho nanebhola ngakho-ke angisiboni isidingo sokunaba kangako ngezinsolo ezivela kumuntu obenza okufanayo umdlalo wonke.
“Ngiwumuntu ophansi futhi angizwani nodlame kodwa kunezikhathi lapho ngiphoqeleka khona ukujika ngoba kuthinta ngqo umsebenzi wami okuwukuvikela abadlali bami,” kuqhuba uRiveiro.
Ngokwalo mqeqeshi waseSpain ogila izimanga emiqhudelwaneni yePremier Soccer League (PSL) njengoba esezifake komunye owamanqamu ngoJuni 1, akukho okutheni okudlulele okwenzekile.
“Okungasiza ukuthi mhlawumbe (uKopo) asichazele ukuthi ikona kuphi okuyinhlamba esabekayo akhuluma ngakho ngoba okwenzekile kujwayelekile.
“Besidlalela indawo kowamanqamu wenkomishi ngakho-ke imimoya izophakama kodwa kufanele sikukhohlwe lokho emuva komdlalo.
“Sidlale kahle futhi kusifanele ukunconywa. Konke okunye ngeke sikunake kangako,” kuphetha uRiveiro. Ngokungena kowanqamu iPirates izibeke ethubeni lokuvikela isicoco seNedbank uRiveiro asinqobe nezakhe ngesizini edlule. Sebevele banesicoco seMTN 8 abasithathe ekuqaleni kwesizini.
Kusasa, eZimnyama zizophinda nayo iChippa sebehlangana koweDStv Premiership e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku. Ziwadinga ephelele amaphuzu njengoba zisembangweni wokuqeda endaweni yesibili kwi-log ukuze zizifake kwiCaf Champions League yangesizini ezayo.