URHULANI Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns wanelisekile ngebhentshi lakhe yize ekuqonda ukuthi abaphathi beqembu bangathatha noma isiphi isinqumo noma inini.
UMokwena onikwe isikhundla sokuba umqeqeshi kwiSundowns nyakenye, usebenza noManqoba “TV” Mngqithi, Steve “Mphathi” Komphela noWendell Robinson opheka onozinti.
Bobathathu laba baqeqeshi badala kuMokwena ngokweminyaka futhi banomlando wokuba izinhloko emaqenjini abasebenze kuwona phambilini.
Kusukela uMokwena ebekwe yedwa, ziningi izinkulumo ezivelile kwazise enye ingxenye yabalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli ikubone lokhu njengokuphucwa amandla koMngqithi noKomphela kodwa enye ingxenye ibingenankinga nakho.
Isiyela ngasekupheleni isizini esongwe muva nje, bese eya ngokuqina amahlebezi akhomba, ikakhulukazi uMngqithi endleleni ephumayo kompetha beligi. UMngqithi okuvela ukuthi inkontileka anayo nalabo mpetha beligi iyaphela ekusongweni kwale sizini, umataniswa nokuthatha izintambo kuMaZulu FC futhi kukhona namahlebezi athi ufuneka kwiKaizer Chiefs.
Inkulumo kaMokwena ngesikhathi behambise indebe yeDStv Premiership kubaxhasi, iHyundai, ekupheleni kwesonto eledlule, idwebe isithombe sokuthi usaneme ngokusebenzisana nethimba lakhe.
“Ithimba labaqeqeshi elikhona kwiSundowns ingoba iSundowns iyalethemba hhayi ukuthi uRhulani uthandani noma yini angayithandi,” ubaphendule kanje uMokwena abezindaba bemkhumbuza ukuthi phambilini ubeveze ukuthi weneme ngethimba lakhe.
“Angikhumbuli ngikusho lokho kodwa okumqoka ukuthi iqembu libeke abantu elikholelwa ekutheni bayalazi isikompilo leSundowns. Zonke ezinye izinqumo zisezandleni zabaphathi beqembu.
“Kunesizathu siteketiswa ngegama le-Shoe-Shine and Piano. Kunesizathu sokuthi kungani sigqoka le mibala esiyigqokayo ngakho-ke wonke umuntu osethimbeni labaqeqeshi okuhlanganisa nami, ubekwe kulona ngoba ethenjwa iqembu ukuthi unawo amava okuqhubeka nale ndlela yokwenza nokudlala kweSundowns,” kulandisa uMokwena.
“ISundowns ayidlali ngendlela kaRhulani kepha idlala ngendlela yeSundowns. Kusekhona okuningi okusafanele sikhule kukhona kodwa okumqoka ukuthi singasuki endleleni yeqembu kungakhathalekile ukuthi kuhleli bani ebhentshini ngoba leso isinqumo seSundowns.
“Ithimba labaqeqeshi elikhona kwiSundowns liqine ngokwanele ukuthi lingaqhubeka nokulethela iqembu lokhu elikufunayo ngakho-ke wonke umuntu uneme,” kusho yena.
Esesonga uMokwena uthe, nakuba beneme ngethimba labaqeqeshi kodwa uma sikhona isidingo sokuqinisa, ngeke baliyeke lelo thuba.
“Ithimba labaqeqeshi liqinile kodwa uma sihlanganisa amakhanda sonke sibone ukuthi kukhona isidingo sokuqinisa kulona (ithimba labaqeqeshi) nakubadlali, nakanjani sizokwenza kanjalo.
“Okuyiwona ukhiye ukuthi senze konke okuzokwenza iSundowns ibengcono ngesizini ezayo,” kuphetha lo mqeqeshi.