UZISHAYA isifuba umqeqeshi weMoroka Swallows, uMusa Nyatama, ngethimba lakhe elibunjwe ngabalolongi abasebasha kodwa elisethubeni lokuhlenga okwesibili ezembeni elinye lamaqembu athathwa njenganomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika.
ISwallows imangaze iningi ngesikhathi iqumba phansi iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngalo mphulela iDube Birds ayizange igcine ngokuqinisa amathuba ayo okuvika izembe kodwa iphazamise izifiso zeStellies zokuqeda isizini ingelinye lamaqembu azoya kwiCaf Champions League.
Yize iSwallows ingakawuqedi umsebenzi (kulandela omunye umphumela oshaqise abaningi lapho i-Orlando Pirates ishayelwe khona ekhaya iRichards Bay FC), kodwa ibukeka izolivika izembe okwesibili amasizini elandelana.
Ngesizini edlule umlingo kaNyatama ugcine usuyifaka kwi-Top 8 iSwallows kade ibalwa namaqembu angase avike izembe.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi nangeka-2021/2022 iSwallows yasinda ezembeni ngophawini wemidlalo yokuhlunga ngaphansi kwesandla sikaDylan Kerr.
Kulokhu umsebenzi kaNyatama ubunzima ngokudlulele ngoba uphonswa kuyena nje, kungenxa yezinkinga zezezimali ezike zahlasela eqenjini kule sizini, eziholele ekutelekeni kwabadlali, abanye bagcina ngokuxoshwa. UNyatama uphoswe emphandwini ngemuva kokushiya kukaSteve Komphela ngenxa yazo lezi zinkinga ebezibikwa kwiZinyoni.
“Okufunwa abaphathi beSwallows ukuthi idlale esigabeni esikhulu ngesizini ezayo ngakho-ke umsebezi usaqhubeka ngoba kusengenzeka noma yini njengoba imidlalo ingakapheli,” kusho uNyatama esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
ISwallows ihleli endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu awu-32.
“Konke lokhu kungenxa yokuzinikela kwabadlali okuyibona abangena enkundleni. Yebo balandela imithetho ethile kodwa nayo akuyona eyami ngedwa.
“Ngiwumqeqeshi osemncane ngokweminyaka futhi ngizungezwe ontanga yami engicabanga ukuthi kungesinye sezinongo ezinganakekile ekuthembiseni kwezinto.
“Okuhle okwenzeka kwiSwallows akuwona umqondo wami ngedwa kepha kukhona, nokaDitheko (Mototo) nokaThela (Ngobeni).
“Singabaqeqeshi abasaziphendlela indlela kulo mkhakha kodwa kuliqiniso elingeke liphikiswe ukuthi kuyasithobisa ukuzithola sinethuba lokuphinda sihlenge ezembeni elinye lamqembu anomlando omude nomuhle ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho yena.
Imidlalo emibili esalele iSwallows owasekuhambeni neSuperSport United ngoMeyi 18, nowokuvala isizini osekhaya neRoyal AM ngoMeyi 25.
“Indlela okwenzeka ngayo kwiDStv Premiership sithola umyalezo wokungalokothi sizithambise kule midlalo esele ngoba izinto zishintsha ngokushesha kunobhutshuzwayo,” kuphetha uNyatama.