INKAKHA yeKaizer Chiefs, uPollen “Trompies” Ndlanya, incoma umqeqeshi uGavin Hunt ngokungesabi ukuphonsa esizibeni esijulile abadlali abasebancane, ngisho nangalesi sikhathi esinzima iqembu elibhekene naso kule sizini.
Kule sizini sithe ukwanda isibalo sabadlali abasebancane abanikwa ithuba lokuba sesikimini eqenjini laseNaturena.
Phakathi kwabo kubalwa uNkosingiphile Ngcobo (21), Happy Mashiane (23), Njabulo Blom (21), Lebogang Lesako (21) noDarrel Matsheke (21).
UNgcobo, uMashiane noBlom, yibona phakathi kwalaba badlali abalithola kakhulu ijezi kule sizini.
UNgcobo useqale imidlalo engu-20, owodwa esuka ebhentshini, washaya amagoli amathathu kuyo yonke imincintiswano. UMashiane useqale imidlalo eyisikhombisa, emihlanu esuka ebhentshini, washaya amagoli amabili.
UBlom useqale imidlalo engu-11, nengu-11 esuka ebhentshini kuyo yonke imincintiswano.
UMatsheke, okhushulelwe esikimini esikhulu seChiefs kule sizini, useqale imidlalo eyisikhombisa nemibili esuka ebhentshini.
Nakuba engadlalanga emidlalweni emibili yeZimpofana, zibhekene neWydad Casablanca nePetro de Luanda kweyeCaf Champions League, kodwa uMatsheke ubekhona ebhentshini kuyo yomibili imidlalo.
“Ngicabanga ukuthi kungumqondo omuhle impela kumqeqeshi uGavin ukuthi angesabi ukunika laba bafana abasebancane ithuba, ngoba lokho kubaqinisa ukhakhayi, ikakhulukazi emidlalweni yeCaf Champions League.
Kujabulisile nje ukubona uMashiane eshaya elinye lamagoli iChiefs ewine ngawo ishaya iPetro de Luanda ngo 2-0, akwangagcina lapho njengoba noNgcobo ekhande igoli lokuqala elishaywe uMathohlo (Eric).
Angingabazi ukuthi laba badlali abasebancane bazobe begila izimanga kumasizini amabili amathathu ezayo kusukela manje, ngoba ngaleso sikhathi bazobe sebevuthwe ngokwanele,” kusho uNdlanya.
Nakuba bobathathu uNgcobo, uMashiane noBlom bekhushulelwe esikimini esikhulu saMakhosi ngesizini ka-2018/2019, kodwa uHunt nguyena obanike ithuba lokuba sesikimini seqembu ukwedlula abaqeqeshi abamendulelayo.
UNdlanya uthi nokuba khona kuka-Arthur Zwane ukuba yiphini lakhe, kuyinto enhle njengoba uZwane esebenze kakhulu nabadlali abancane eqenjini elincane laMakhosi, elidlala kwiDStv Diski Challenge. Wathi ukuhlangana kwalaba baqeqeshi abakholelwa kubadlali abasebancane kubukeka kuzothela izithelo esikhathini esizayo.
“Yebo, njengamanje iqembu lisadonsa kanzima kodwa nginethemba elikhulu lokuthi uma umqeqeshi, uGavin, enganikwa ithuba elanele, abuye akwazi nokusayinisa abadlali abanohlonze ngokuvuleka kwewindi ngoJulayi, kuzobonakala iChiefs ehlukile.
Sekuyacaca vele manje ukuthi isicoco seligi ngeke besasiwina. Osekufanele bakulwele nje manje wukuqeda isizini bebalwa namaqembu ayisithupha noma ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log, bese beqhubeka nokwenza kahle kwiChampions League, njengoba benza kumanje.”
IziMpofana ezikuGroup C weCaf Champions League, zizodudulana nePetro de Luanda emlenzeni wesibili, e-Estadio 11 de Novembro, eLuanda, e-Angola, ngoLwesibili ngo-6 ntambama.
Nakuba zinenebulwe yiCasablanca ngo 4-0 emasontweni amabili adlule kodwa ezikaHunt zisenethuba lokwedlulela emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano njengoba zisahlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu amane emidlalwen emithathu. Zisazodlala neCasablanca ekhaya ngo-Ephreli 2, zivale neHoroya yaseGuinea ngo-Ephreli 9 ekuhambeni.