UKUNGENELISEKI ngokugcwele komqeqeshi weKaizer Chiefs, uNesraddine Nabi, ngakuthola, kuRanga Chivaviro, kudweba isithombe esilufifi ngekusasa, lika-Ashley Du Preez noChristian Saile kuMakhosi.
Amakhosi aguqe okokuqala kwiBetway Premiership ngoMgqibelo eshayelwa ekhaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 eFNB Stadium.
Nakuba igoli leChiefs lokubika ilishayelwe, uChivaviro kodwa inkulumo kaNabi ngemuva komdlalo idwebe isithombe sokuthi lo mqeqeshi waseTunisia uzibona engenaye umgadli amuzwayo esikwatini sakhe.
UNabi uthe ujabule ngoChivaviro kodwa kukhona okuningi lo mgadli angenakho.
Emidlalweni yokuqala emithathu yeligi, uChivairo oneminyaka engu-31 useshayele uNabi amagoli amabili.
UDu Preez ungenile esiwombeni sesibili koweSundowns kanjalo nakoweGallants wabonakala kanjalo noSaile kodwa bobabili basahlulekile wukubhakuzisa inethi.
Ngesizini edlule uDu Preez noSaile baqede isizini benamagoli amane. UChivaviro ofike kwiChiefs ngesizini kade evutha engabaselwe kwiGallants, naye waqeda enamagoli amane.
Ngesikhathi uNabi ekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo ubatshele ukuthi kunesikhathi lapho ebemfuna khona uChivaviro esaqeqesha kwiYoung Africans yaseTanzania kodwa wavinjwa ukuthi ubenoFiston Mayele.
“UChivaviro ngimazi esadlalela iMarumo (Gallants) ingakho kungangithusanga ukuthi iChiefs yambona yamlanda,” kusho uNabi.
“Njengoba sesisebenza ndawonye kuyangicacela ukuthi kunamabhawodi okusafanele awaqinise. Uwumgadli wami engithembele kuyena okwamanje kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngiyamthungatha umuntu ozosishayela amagoli.
“Nginalo emqondweni uhlobo lomgadli esimdingayo futhi ithemba lokumthola likhona ngoba abaphathi bangikhululile bathi angizifunele ngokukhululeka bazokhokha.
“Inkinga ngokuthola umgadli weqophelo ukuthi bonke banamaqembu abasemabhukwini awo futhi angazimisele nakancane ukubadedela.
“Ngikuqaphelile ukuthi imidlalo yeligi ngeke ibe miningi kakhulu kuze kube uJanuwari okulapho kuzovela khona ithuba lokuthi siphinde siphume sithungathe lo mgadli esinaye emqondweni,” kusho uNabi.
Le nkulumo yena lifiphale ikusasa likaDu Preez noSaile abebelandelwe ukushaya amagoli kwiChiefs kwazise bobabili bangemuva kukaChivaviro noWandile Duba, uma kuzoya ngokwezikimu uNabi asezisebenzisile kusukela kuqale isizini emasontweni adlule.