NGAPHANDLE kokulinganisa irekhodi lezicoco zeHollywoodbets Cosafa Cup eliphethwe yiZambia neZimbabwe bobabili abaneziyisithupha, umqeqeshi weBafana Bafana, uMorena Ramoreboli, ufuna nokunombele ekuklelisweni kwamazwe kweFifa.
IBafana, lo mqhudelwano ebhekwe ukuthi iwunqobe, iwuqala ngomdlalo onzima nomakhelwane iNamibia namuhla ngo-6 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
URamoreboli ogile izimanga neqembu elifanayo ngo-2021, kade engene esikhaleni sikaHelman Mkhalele obephethwe yiCovid-19, ufisa ukubuyela kwiJwaneng FC yaseBotswana, iBafana ibe isikleliswe kangcono kwi-Fifa.
Nakulokhu kubhekwe ukuthi kube ngoMkhalele ohola qembu njengephini likaHugo Broos.
“Kusemqoka ukubonga iSafa (South African Football Association) ngokusinika bonke abadlali ebesibacelile nokuzokwenza siqale umqhudelwano sizethemba,” kusho uRamoreboli ethimbeni labezindaba leSafa.
“Imiqhudelwano efuze le ngiyithandela ukuthi isinika ithuba elikahle futhi elilula ukuthi sinombele ekuklelisweni kwamazwe.
“Kubalulekile ukuthi siyinqobe imidlalo yethu ukuze sizozuza ekuklelisweni siphinde sizibeke ethubeni lokuphinda umlando wangu-2021.”
Ngaphandle kokubonga kwiSafa, lo mqeqeshi uchazekile ngendlela esiqine ngayo isikimu sakhe.
“Abadlali abakhona ekhempini bangabohlobo oluphambili kodwa okungijabulisa kunakho konke, yindlela abazimisele ngayo ukusebenza,” kusho uRamoleboli.
“Bazinikele bonke abadlali abakhona ekhempini futhi uyazibonela ukuthi bonke bayakujabulela ukuba nathi lapha.”
Omunye umdlalo okhona namuhla uphakathi kwe-Eswatini neBotswana ngo 3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium.
IZambia neZimbabwe sebesidle amahlandla ayisithupha ngokwahlukana lesi sicoco esibangwa ngamazwe ase-Afrika eseningizimu.
IBafana isinqobe kahlanu.