Ukholwa ukuthi uyathuthuka futhi usazoqhubeka nokulwela ijezi phesheya owayengumgadli weMamelodi Sundowns, uCassius Mailula.
Lo mdlali odabuka eGa-Malepo, eLimpopo, udlalela iqembu laseCanada, iToronto FC, egijima esigabeni esiphezulu ebholeni laseNorth America, iMajor League Soccer (MLS).
Wajoyina leli qembu ngoJulayi nyakenye ngemuva kokudlala isizini eyodwa esigabeni esiphezulu kuleli, lapho ashayela khona amaBrazilian amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-18 yeligi.
Ngesizini edlule, ayifice isiphakathi, udlale imidlalo emithathu kwiMLS. Kule sizini usedlale imidlalo emibili yeligi nemithathu kwiCanadian Championship.
Izinto zimhambele kangcono emqhudelwaneni womkhumulajezi, iChampionship, njengoba esedlale imidlalo emithathu washaya amagoli amabili, waphinde wakha elilodwa.
Ngo-Ephreli nonyaka iToronto imemezele ukuthi imbolekise eqenjini layo elincane nokuthi angabizwa uma imdinga. UMailula uhlale isikhashana kulona wabuyiselwa kwelikhulu. Nakuba egcine ukudlala ngoJuni kodwa ubekhona ebhentshini emidlalweni yakamuva.
“Ngiziqeqesha kahle neqembu futhi ngiyazimisela nsuku zonke. Ngicabanga ukuthi ngikhulile njengomdlali nanjengomuntu,” usho kanje ekhasini leSundowns TV kwiYouTube.
“Ngicabanga ukuthi enye yezinto ezinzima engahlangabezana nazo ngesikhathi ngifika lapha wumsebenzi owengeziwe owenziwa ejimini. Ngathwala kanzima izinyanga ezimbili noma ezintathu kodwa manje ngizizwa ngiwumshini. Nginamandla.
“Angisakwazi ukulinda ukubuyela enkundleni ukuze ngenze lento engiyithandayo.”
IToronto ishaywe yiForge FC ngo 2-1 emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu weCanadian Championship. Umlenze wesibili uzodlalwa ngo-Agasti 27.
KwiMLS isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-26. Isasesigabeni samaqoqo kwi-Leagues Cup.
UMailula uthe liphezulu izinga lebhola kwiMLS, ikakhulukazi njengoba isihehe abadlali abasezingeni eliphezulu abafana noLionel Messi, Luis Suarez nabanye.
KwiToronto uMailula ubanga ijezi noLorenzo Insigne, owaduma ngesikhathi egijima kwiNapoli kwiSerie A, waphinde wadlalela iqembu lesizwe lase-Italy imidlalo engaphezu kuka-50.
“Abadlali baseNingizimu Afrika basezingeni eliphezulu. Ngibonile ukuthi kukhona lapho ngithuthuke khona kodwa angicabangi ukuthi sikude kangako kubadlali baphesheya. Kumele sisebenze kanzima nje,” kusho uMailula.
“I-MLS iyathuthuka. Ubona ngesibalo sabadlali abasezingeni eliphezulu abeza kule ligi. Abanye abantu bangacabanga ukuthi kulula kodwa uma usungena enkundleni uyezwa ukuthi kunzima kangakanani.
“Kuningi engikufundile futhi konke ngizohlezi ngikusebenzisa noma ngingayaphi,” kuphetha yena.
Phambilini kuke kwavela imibiko ethi iSundowns ihlose ukumboleka uMailula kuleli qembu laseCanada.