UHLOKOMISE izihlwele obeyisethenjwa, uThembinkosi Lorch, evalela amagoli amabili selokhu ejoyine iMamelodi Sundowns.
Womabili uwashaye ngesiwombe sesibili bebhekene neMaritzburg United, koweNedbank Cup Last 16, abanqobe kuyo ngo 2-0, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville ngeSonto ebusuku.
Ukuzimisela kukaLorch kulo mdlalo namagoli akhe aholele ekutheni aqokwe njengomdlali ovelele wosuku.
Ephawula ngemuva komdlalo kwiSuperSport, uthe uyajabula ngokuthi ugcine ekwazile ukubhakuzisa inethi kwazise umqeqeshi wezakhe, uRhulani Mokwena, ubesemthethise kakhulu ngokuthi akakalishayi igoli ekubeni ekwazi ukufinyelela ezindaweni eziyingozi.
ULorch ujoyine iSundowns ngewindi likaJanuwari kungazelele muntu, esuka kwiPirates, lapho ebengaconsi phansi kubalandeli bayo.
Lo mdlalo uke wamiswa isikhathi esicela ehoreni ngenxa yesimo sezulu esibi njengoba belina, lishaya nemibani.
Asiphelanga isiwombe sokuqala, imibani nokuduma kwaphoqa unondweba, uCedrick Muvhali nabesizana nabo, uSipho Mahlangu obeyi-fourth official noGeronimo Piedt obeyi-match commissioner, ukuthi bawumise kungakapheli sikhathi esingakanani.
Ngesikhathi usubuyele enkundleni umdlalo, iMaritzburg edlala kwiMotsepe Foundation Championship, beyibukeka ingayisabi iSundowns obekungakahlangani kahle kuyo.
Ngenxa yokukhonya kwamaBrazilians kwiDStv Premiership, bekubhekwe ukuthi idlule kalula kuleli qembu laseMgungundlovu. Nokho akuhambanga kanjalo. Iqembu likaSimo Dladla, belivalile emuva, iSundowns ingakwazi ukuligqobhoza udonga lwayo.
Kuze kwashintshwa zibambene ngeqanda. Nasesiwombeni sesibili bekusayiso leso, kuyiSundowns ehlaselayo, iMaritzburg ime ngokuthi ngeke iyivumele ishaye igoli.
Kuze kwaba ngumzuzu ka-74 lapho, uLorch ekwazile ukuthola khona igoli lokuqala, kwahlokoma inkundla, kucaca ukuthi nabalandeli bamaBrazilians bese bebambe umoya bezibuza ukuthi kuzoze kube yinini belokhu bethwala izandla ekhaya ngocishe. Esikhathini esengeziwe, uLorch uqede konke ukuqagela ngokunqoba kweSundowns evalela elesibili.
Ngokunqoba umdlalo iSundowns ibe yiqembu lesishiyagalombili kwangene kuma-quarterfinals. Amanye i-Orlando Pirates, Chippa United, AmaZulu, SuperSport United, Stellenbosch FC, University of Pretoria neTS Galaxy.
Azoqhathwa ngoMsombuluko amaqembu asele kwiNedbank Cup ehamba nesheke lika-R7 million nethikithi lokuyodlala kwiCaf Confederation Cup.