UKUPHAKAMISA indebe yeDStv Premiership okokuqala ngqa neMamelodi Sundowns sekuholele ekutheni aphuphe ngokudla isicoco seCaf Champions League umdlali wasesiswini, uThembinkosi Lorch.
Lo mdlali (30) usayine kumaSandawana ngoJanuwari, maphakathi nesizini ka-2023/24 esuka kwi-Orlando Pirates.
Wayesehlale iminyaka eyisikhombisa kweZimnyama, azijoyina ngo-2017 esuka kwiChippa United, wanqoba izicoco ezintathu zeMTN 8 neyodwa yeNedbank Cup.
"Ozakwethu bangamukela kahle, benza ukuthi ngikhululeke eqenjini. Konke kusahamba kahle. Ngijabule kakhulu,” usho kanje uLorch ekhuluma ekhasini leSundowns kwiYouTube.
"Ngake ngasho phambilini ukuthi ngiyayazi into eyangiletha kwiSundowns. Into yokuqala ebengiyifuna bekuwukunqoba isicoco seligi. Njengoba sekwenzekile sengibheke ukunqoba indebe yeChampions League.”
ULorch ufike kuleli qembu elizinze eChloorkop, washaya amagoli amabili emidlalweni emithathu yeligi, namathathu kwemine yeNedbank Cup. Uthe akuzange kube nzima ukuthi azinze eqenjini ngenxa yokuthi ubenalo ulwazi ngalo.
"Ngesikhathi ngisakwiPirates bengivele ngiyilandela indlela okwenziwa ngayo izinto kwiSundowns. Ngazibonela ukuthi abadlali babumbene kangakanani nendlela abathandana ngayo. Ngazibona sengiyingxenye yalokho. Yingakho kwaba lula ngesikhathi sengifika eqenjini,” uchaze kanje.
"Kuyangijabulisa ukuthi nabalandeli bangikhonze kangaka. Kuyangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokuzikhandla ukuze ngibajabulise. Kusho lukhulu kimina ukuba ngumdlali weSundowns, okuyiqembu ekade ngaqala ukulithanda ngisho ngingakalidlaleli.
"Izinga lokuqhudelana ngaphakathi eqenjini liphezulu. Yiqembu elihlezi liyingxenye yemiqhudelwano emikhulu njengeChampions League. Yingakho ngiziqhenya ngokuthi sengidlalela iSundowns."
Akadlalanga kowamanqamu weNedbank Cup ngesikhathi bequnjwa phansi yiPirates ngo 2-1 eMbombela Stadium ngenxa yokulimala. Ngesikhathi leli qembu livakashele abalandeli eThohoyandou ngempelasonto, uLorch ubesafake isicathulo esikhombisa ukuthi akakalulami ngokuphelele.
Akukacaci ukuthi uzokwazi yini ukuhamba neqembu uma seliwelela phesheya kwezilwandle, e-Austria, ngempelasonto, lapho liyoqinisa khona amalungiselelo esizini ka-2024/25.
Ngesikhathi ekhuluma nabalandeli, uthembise ukuthi uhlose ukushaya amagoli angaphezu kwangu-10 kule sizini ezoqala.