UKUQUBUKA kwegciwane elingachazeki kodwa elixina abadlali ngendlela yokuthi bangadlaliswa enkanjini yeFrance, kuzozibhebhezela izinkulumo zabathi ‘vele isicoco se-2022 Fifa World Cup sekuhleliwe ukuthi sinikwe uLionel Messi’.
Umhlaba uhlukene phakathi ngoMessi, ozohola i-Argentina kowamanqamu eWorld Cup lapho bezodudulana khona nompetha bomhlaba abavikela isicoco, iFrance.
Umdlalo useLusail Stadium, eLusial, eQatar ngo-5 kusasa ntambama.
NgoLwesihlanu ntambama kuvele izindaba ezimbi ezithi lisaqhubeka igciwane elisamkhuhlane ukuhaqa abadlali beFrance.
Ababikwe ngoLwesihlanu ukuhlatshwa yilomkhuhlane yiziqongqwane ezidlala emuva maphakathi nenkundla, uRaphael Varane no-Ibrahima Konate, abashove into yamehlo bephebeza iMorocco kowandulela owamanqamu.
Empeleni uKonate okunguye oshaye into ecokeme kakhulu kodlule, kuthiwa kubi kakhulu kuye ngaleli gciwane eliqale ukuphazamise inkambu kaDidier Deschamps ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu.
Abebehaqekile ngaphambi kowamanqamu nguDayot Upamecano naye odlala emuva no-Adrien Rabiot oyibamba esiswini.
Umgadli oshayele iFrance igoli egqibe ngalo iMorocco ngo 2-0 kowandulela amanqamu ngoLwesithathu, uRandal Kolo Muani, ucashunwe kwisupersport.com ezwakalisa ithemba lokuthi bazobe sebeyimiqemane ozakwabo kusasa.
“Ukhona umkhuhlanyana olokhu usabalele njalo kodwa akusiyo into ebucayi ngaleyo ndlela. Bazoba ngcono maduze futhi bazobe bekhona ngeSonto,” kusho uMuani.
Yize esho kanje lo mgadli kodwa kuyacaca kunokushayisana akushoyo nokwababaqaphile eqenjini kwazise omunye wabo uzwakale ekuchitha okushhiwo ngumdlali, ephetha ngokuthi kuzobonakala.
Umdlalo wakusasa uqukethe inqwaba yomlando emgodleni wawo kwazise iFrance ilwela irekhodi lokuba yiqembu lokuqala eminyakeni engu-60 ukuvikela isicoco somhlaba.
Lokhu selokhu kwagcina ngeBrazil ngo-1962.
Mahlanu emlandweni weWorld Cup edlalwe okokuala ngo-1960, amazwe aseke afinyelela kowamanqamu evikela isicoco.
*I-Italy ngo-1938 yehlule iHungary; iBrazil ngo-1962 yehlule iCzechoslovakia; i-Argentina ngo-1990 yehlulwe iWest Germany; iBrazil ngo-1998 yehlulwe yiFrance; iFrance ngo-2022 izobhekana ne-Argentina.
Bobabili iFrance ne-Argentina sebeyinqobe kabili ngokwehlukana iWorld Cup.