UKUZIBULA ngokuguqisa izinkunzi zaseSoweto emidlalweni yakhe yokuqala emibili ekwiCape Town City kumehlisele umsebenzi umqeqeshi, uMuhsin Ertugral, kwaphinda kwamenza wahalela okungaphezulu kwalokhu abekubhekile kule sizini.
Lokhu kushiwo yilo mqeqeshi obanjiswe lesi sikhundla kuze kuphele isizini kumaCitizens emuva kokunqoba kwi-Orlando Pirates ngo 1-0 wegoli likaDarwin Gonzalez emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu, eKapa.
U-Ertugral onomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika ushaya iPirates nje, akukapheli zinsuku ezingaki eguqise izimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs.
Ngesikhathi u-Ertugral enikwa lo msebenzi kulandela ukukhonjwa indlela kuka-Eric Tinkler, imidlalo yakhe yokuqala emibili ibibhekwe ngabomvu kwazise ubemelwe ngamaqembu angagcini ngokuba nomlando wokuwaqeqesha kepha athathwa njengamakhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika.
Ngaphambi kwayo yomibili le midlalo, u-Ertugral ukhombise inhlonipho enkulu kodwa ubengakufihli ukuthi banawo amaqhinga abahlele ukudida ngawo lezi zinkunzi zaseSoweto.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuguqisa iPirates ayilahlekisele ngethuba lokubuyela esicongweni, lo mqeqeshi waseTurkey uthe iyamethusa indlela abashesha ngayo ukubamba abadlali abafice kwi-The Citizens.
“Ingishiye ngikhexile indlela abasheshe ngayo ukubamba lokhu engibatshela khona abadlali engibafice kuleli qembu,” kusho u-Ertugral.
“Uma bekhombisa izimpawu zokufunda ngokushesha kanje kuzofanele siyibuyekeze indawo ebesizimisele ngokuqeda kuyona ku-log kule sizini.
“Iqiniso wukuthi umsebenzi wami usuvele wazihlanganela ngala mawini amabili ngoba sekunento engizoyikhomba ngithi angifuni umgqigqo ube ngaphansi kwalokhu ngisho ngabe sibhekene nobani.
“Besibheke ukuqeda okungenani sibalwa kwi-Top 8 kodwa uma laba badlali benza lokhu abakwenze kulezi zinsuku ezimbalwa siqalile ukusebenza ndawonye, ngivukwa umona ngoba kusobala ukuthi singahamba ibanga elide uma sesizinike kahle isikhathi sokufundana ngokuphelele,” kusho u-Ertugral.
Umdlalo weCity olandelayo oweligi ukusasa ekuhambeni neMarumo Gallants. Iwini lapho izoyilinganisa neSekhukhune United esendaweni yesine kwi-log.