UDALULA ukuthi akafuni ukutatazela uCavin Johnson, osanda kuchithwa yiKaizer Chiefs, ebimbambise izintambo ngesizini edlule. Uthi usazosefa izicelo zabafuna ukumnika umsebenzi wokuqeqesha.
Lo mqeqeshi oneziqu ze-Uefa Pro Licence, utshele Isolezwe ukuthi likhona idlanzana lamaqembu eselike lamthinta, lifuna ukumnika umsebenzi. Uthe kukhona neqembu langaphandle.
Udalule ukuthi ukuthi amaqembu afuna ukumnika imisebenzi eyahlukene. Kukhona nowokuba yiphini lomqeqeshi, nowokuba yinhloko yabaqeqeshi.
UJohnson uthe akafuni ukutatazela, uma amaqembu eqhubeka nokumthinta uzathatha elizomnika into ephathekayo. Uqhube wathi uma lingekho ngeke abe nankinga yokuhlala ekhaya, usakuthokozela ukuba eduze nomndeni wakhe.
Uthe ukuhlala eseduze kwawo kumenza asikhohlwe isikhathi esinzima abe naso kwiChiefs. Ngaphansi kukaJohnson iChiefs iqede ngaphandle kweTop 8.
"Umndeni ubaluleke kakhulu. Kuye kuthi noma izinto zingakuhambeli kahle kodwa kuthi uma ucabanga wona ubuyelwe yithemba. Ukuba seduze kwawo kuyangelapha. Yingakho ngingeke ngithathe noma yimuphi umsebenzi. Akhona amaqembu ambalwa asengithintile. Elinye elangaphandle. Kukhona nafuna ukungenza iphini lomqeqeshi. Ngizothula ngibheke, uma kukhona elibeka okuhle etafuleni ngizowuthatha umsebenzi. Impilo ingifundisile ukuthi ayitatazelelwa," kubeka uJohnson onqabile ukuveza amagama amaqembu.
Isikhundla sakhe kwiChiefs sithathwe nguNasreddine Nabi, waseTunisia.
UJohnson ushiye leli qembu esenyamanambana kubalandeli balo.
Nakuba ebebanjiswe izintambo kodwa igama lakhe lingene ohlwini lwabaqeqeshi abahlulekile ukuyinqobela ngisho inkomishi eyodwa kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule.
UJohnson owake waqeqesha amaqembu ambalwa, okubalwa AmaZulu, nePlatinum Stars, ufike kuMakhosi ngesizini ka-2021/22 ezoba yinhloko yenkulisa yayo.
Kuthe uma uMolefi Ntseki ehlulwa yimiphumela ngasekuqaleni kwesizini edlule, wabe esebanjiswa izintambo.
Lo mqeqeshi usanda kutshela iSABC ukuthi wazinikela ngakho konke kwiChiefs.
Waveza nokuthi wawunikwa engalindele umsebenzi wokubanjiswa eqenjini elikhulu.
"Ukunikwa lo msebenzi kwaba yinto engangingayilindele neze. Kwakusaphele inyanga ngifike kwiChiefs ngesikhathi ngitshelwa ukuthi usihlalo (Kaizer Motaung) uyangibiza. Wathi kimi, awunankinga yokuqeqesha iqembu elikhulu? Ngathi, angizanga lapha ukuzoba inhloko yabaqeqeshi. Ngizele ukuzoba ngeyenkulisa. Ngemuva kokubonisana ngathi kuye, sihlalo sengike ngakwenza lokhu phambilini kumaqembu afana naMaZulu nakwiPlatinum Stars, namanje ngingazama,“ usho kanje kwiSABC.