ZAKHELE XABA
USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, ukhipha ingonyuluka yokuthola abadlali abasezingeni eliphezulu emazweni ase-Afrika.
UComitis ongomunye wabaphathi bamaqembu abahlonishwayo eMzansi, usephendule iCity yaba ngelinye lasatshwayo.
Ulibumbe ngo-2016, emuva kokuthenga iMpumalanga Black Aces.
Okusheshe kwagqama nge-The Citizens, wukuba neso elibukhali lokuvukuza abadlali bangaphandle, abagcina sebefunwa ngamanye amaqembu eNingizimu Afrika.
UComitis uthe ukuba nezimpande kwakhe eDemocratic Republic of Congo, kuyamsebenzela kakhulu.
"Ngikhulele eDRC ngakho kulula kimina ukudonsa ucingo ngishayele ucingo abantu abathungatha abadlali, ngibatshele ukuthi ngidinga umdlali othize. Akupheli sikhathi esingakanani, aqhamuke amagama engizokhetha kuwona.
“Ubaba ngikhule eneqembu lebhola esigabeni esiphezulu eDRC. I-TP Mazembe ngelinye lamaqembu ayekhona ngaleso sikhathi. Ngakho kulula kimina ukuthola abadlali emazweni ase-Afrika. Okunye ke ngiyakwazi ukumbona umdlali futhi akungithathi isikhathi eside," kusho uComitis.
Ngo-2017, uComitis ulande u-Edmilson Dove waseMozambique, osethathwe yiKaizer Chiefs.
Ngesizini edlule, uHugo Marques wase-Angola, ukhale wemuka nomklomelo kanozinti ovelele, iPSL Goal keeper of The Season, ngesizini yakhe yokuqala kwiDStv Premiership.
Kumanje emabhukwini eCity, kukhona uNathan Fasika Edumba waseDRC, oyisiqongqwane emuva noBrice Ambina waseCameroon, ongase athole indawo eqenjini lesizwe eliyodlala koweNdebe yoMhlaba ngoDisemba, eQatar.
Omunye nguKajally Drammeh (18) waseGambia, oshaye igoli maphakathi nesonto ngesikhathi iCity ibambana neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership, KwaMashu.
Laba badlali bangabanye umqeqeshi u-Eric Tinkler azothembela kubona uma sebebhekene nePetro de Luanda, kowomlenze wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela isigaba samaqoqo seCaf Champions League eCape Town Stadium, kusasa ngo-5.30 ntambama.
Lo mqeqeshi uzophinda awubuke nabalandeli lo mdlalo kwazise akanazo iziqu ezifanele. Ngokwe-Caf, uTinkler, oneze-Uefa A Licence, udinga eze-Uefa Pro.
Ebhentshini kuzohlala iphini lakhe, uDiogo Peral, onoCaf B Licence. UTinkler ubona kumsebenzela ukubuka umdlalo nabalandeli.
"Kulula kakhulu (uma ngingahlezi ebhentshini) ngoba ngihlala endaweni ephezulu. Ngikwazi ukubona izinto kangcono. Uma usebhentshini kwesinye isikhathi kunzima ukubona iminyakazo.
“Kwesinye isikhathi uzitshela ukuthi umdlali akagijimanga kanti akunjalo. Uma uphezulu ubona kahle futhi ngikwazi ukuxhumana nebhentshi kahle ngikhona ngilungise izinkinga. Ngakho kungisizile kokunye," kusho uTinkler.