UKUDLULELA kweyandulela owamanqamu weNedbank Cup kweKaizer Chiefs kuphinde kwabuqhakambisa ubumqoka bukaThabo Cele kuleli qembu laseNaturena eliqashe umqeqeshi, uNasreddine Nabi, ngenhloso yokuqeda indlala yezinkomishi yeminyaka engu-10.
Kusukela uCele waKwaMashu efikile kwiChiefs ngoJanuwari esuka kwiFakel Voronesh yaseRussia, usephenduke isithandwa sabalandeli abathakasela indlela aliqoqa ngayo ibhola enkabeni yenkundla. Ukucokama kwezinga lakhe kuphinde kwagqama ngesikhathi Amakhosi ezibekisela indawo kowandulela owamanqamu weNedbank.
IChiefs inqobe ngo 3-1 kwiStellenbosch FC emdlalweni obungoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Ubumqoka bukaCele bugqame kwemibili yakamuva, kuhlale obala ukuthi iChiefs idlala kangcono uma ekhona enkundleni.
Ngesikhathi iChiefs iphuma ngembobo yenaliti kwiMagesi FC koweBetway Premiership maphakathi neledlule, ayizange igculise kodwa ukubakhona kwakhe koweStellies kuyenze yabukeka iyiqembu elingcono kakhulu.
Ukubuya kukaCele kuyishintshile indlela yokudlala yeChiefs kwazise lo mdlali oseke wagijima ePortugal nasePoland ukhombise ukuhlangana kangcono noNkosingiphile Ngcobo abebedlala naye maphakathi nenkundla.
Esanda kufika kwiChiefs uCele ubedlaliswa kodwa ayalelwe ukuba ahlale azinze esiswini okuyindlela ehluke kakhulu kunayidlaliswa manje ngoba usebekwa mamaphambili okuyindawo agqama ngayo nasemaqenjini esizwe.
Ngesikhathi uCele ekhuluma nabakwaSuperSport emuva kukuqokwa kwakhe njengomdlali ovelele koweStellies, ubonge kubalandeli abachaze njengabaqhubekayo nokukhombisa izimpawu zokwamukela isimo noma kungahambi kahle kulezi zinsuku.
“Kuhle ukuthi sidlulele phambili kodwa lokhu ngeke kusize ngalutho uma singakuphenduli inkomishi,” kusho yena.
“Ngijabule ngokuqokwa (njengomdlali ovelele) kodwa lo mklomelo owethu sonke okuhlanganisa nabalandeli abama nathi ngisho izinto zingahambi kahle. Siyakuqaphela lokhu futhi siyaziqhenya ngabo. Sizolubuyisa udumo lweChiefs futhi le ndlela sizoyihamba nabo.”
UNabi uqhubeke nokushumayela ivangeli lokungajabuli kuze kweqe kubalandeli kwazise iseyinde indlela okusafanele bayihambe. INedbank iyithuba lokugcina likaNabi lokujabulisa abalandeli beChiefs.
“Siyiqembu elikhulu ngakho-ke ukudlulela kweyamanqamu kufanele kube yinto ejwayelekile. Kumqoka ukujabula kodwa kubaluleke kakhulu ukukhuphula umqgiqgo kweyeligi siphinde sihambe ibanga elide kwiNedbank,” kuphetha uNabi.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngoLwesithathu eseyobhekana neCape Town City emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngo-7.30 ebusuku.