UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMigeul Cardoso, uxwayise abadlali bakhe ngokuthi bazosizwa ngendaba isikimu abazoqala ukuhudula izinyawo njengoba izinto zisabahambela kahle.
UCardoso ukusho lokhu ngemuva kokuba iSundowns ibhaxabule i-Orlando Pirates ngo 4-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo, yavula igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye phakathi kwayo neZimnyama ezisendaweni yesibili. Iqhawe losuku kube nguLucas Ribeiro oshaye amagoli amabili, waqokwa njengomdlali ovelele.
ISundowns, eseqhulwini ngamaphuzu angu-42 emuva kwemidlalo engu-15 , isiqalile ukukhombisa ukuthi izowabhincisela nxanye nakule sizini amaqembu ayibangisayo embangweni wesicoco seligi yePremiership. Isinqobe imidlalo eyisikhombisa yePremiership ilandelana ngaphansi kwalo mqeqeshi ofike ngoDisemba.
“Ngiyayihlonipha iPirates nomqeqeshi wayo, uJose (Riveiro), bayiqembu eliqinile elizosinika ubunzima embangweni weligi ngoba ngeke iyeke ukulwa. Empeleni mncane umehluko phakathi kwethu nabo. Iseminingi imidlalo esisazoyidlala, ngakho usemkhulu umsebenzi,” kusho uCardoso.
Lo mqeqeshi ukhiphe isexwayiso esishubile wasibhekisa kubadlali bakhe ngokushintsha kwemiqondo njengoba izinto zisabahambela kahle.
“Ukunqoba kwethu imidlalo eyisikhombisa ilandelana akusho ukuthi sekufanele sithathe izinto kalula. Noma ngabe senza kahle kangakanani kulesi sikhathi samanje, kodwa ngeke ngivume neze ukuthi kube khona abadlali abahudula izinyawo, abangakhombisi ukuzinikela ngoba bazosala ngaphandle. Lo mgqigqo esesikuwona asisafuni uphazamiseke. Ngikholwa wukuthi nabo abadlali bami bayakuqonda lokho,” kusho uCardoso.
ISundowns izobhekana neTS Galaxy koweligi eMbombela Stadium, eNelspruit, kusasa ngo-7.30 ebusuku. Leli yithuba lamaBrazilians lokuqhubeka nokunweba igebe lamaphuzu esicongweni kwazise iPirates iyoze idlale oweligi neLamontville Golden Arrows ngoFebhuwari 19.
“Umdlalo esizowudlala neTS Galaxy ngoLwesibili ubaluleke kakhulu, ngeke kube ngumdlalo olula. Isazoba nzima kakhulu le sizini. Ngakho akufanele senze iphutha lokudlala eminye imidlalo sibe sicabanga ngeminye. Kufanele sigxilise imiqondo emdlalweni esiwudlalayo ngaleso sikhathi,” kugcizelela uCardoso.
“Ngenkathi ngiqeqesha i-Esperance (yaseTunisia) ngesizini edlule, kube nzima kakhulu ukuwina iligi nabo ngoba bebecabanga ngeChampions League (bashaywa kowamanqamu yi-Al Ahly). Ngakho angifuni senze iphutha elifanayo nathi. Ngakho asicabangi ngeChampions League, asicabangi ngeFifa Club World Cup, kodwa sicabanga ngomdlalo olandelayo esiyowudlala ngoLwesibili neTS Galaxy. Angifuni ukuqamba amanga, ngicasuke kabi ukuthi ngaphambi komdlalo wethu nePirates besicabangana neFifa Club World Cup. Ayifuneki leyo nto.”
AmaSandawana azobamba iqhaza kwiFifa Club World Cup, ngoJuni 14 kuya kuJulayi 13, e-USA.