IKHOMBISE ukukhula indlela unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma abaphendule ngayo abezindaba ngesikhathi bezama ukumvalela ekhoneni ngokugxekwa kwakhe kwakamuva yinkakha yaMakhosi u-Itumeleng Khune.
UKhune, osewumhlaziyi webhola, usanda kugxeka uBvuma esidlangalaleni ngokungabambi konke amfundisa khona besandawonye kwiChiefs.
Okwenze lokhu kugxekwa kwalumela kwabathile ukuthi uKhune ubeqhathanisa uBvuma noRonwen Williams, ongukaputeni weMamelodi Sundowns.
Ngokusho kukaKhune, owashiyela labonozinti ijezi kwiChiefs nakwiBafana Bafana ngokwahlukana, uWilliams wakubamba konke okwakufanele akubambe yingakho ekhonya eqenjini lesizwe.
Mayelana noBvuma, ongomunye wonozinti abangenelwe amagoli amaningi kule sizini, uKhune ukhale ngokuthi lo nozinti wayeka ingqayizivele yethuba lokuncela ulwazi kuyena yingakho kubukeka sengathi izinto azimhambeli kahle.
UBvuma, obekhuluma nabezindaba ekomkhulu leChiefs ngoLwesine ekuseni, uthe uyakuzwa okushiwo uKhune kodwa akakufaki kakhulu ekhanda.
“UKhune yinkakha yeqembu engiyihloniphayo nengiyibonga ngakho konke eyangenzela khona nesaqhubeka ukungenzela khona kuze kube namuhla,” kusho uBvuma.
“Okwamanje angizimisele ngokugxila kwakushilo kumbe asazokusho kodwa okuduma ekhanda lami ukusiza iChiefs inqobe umdlalo olandelayo neMarumo Gallants ngoMgqibelo,” kusho uBvuma.