Ukudlula kweBafana Bafana kwiMorocco ababhekene nayo kusasa emdlalweni we-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-10 ebusuku, eSan Pedro Stadium, yikhona okuphethe ukhiye ngamathuba aleli qembu lesizwe okuqukula lesi sicoco esibangwa e-Ivory Coast.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, obekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) endleleni ebisuka lapho bebekhempe khona eKorhogo bebheke eSan Pedro.
Ngokubona kwalo mqeqeshi odle i-Afcon ngo-2017 neCameroon, iBafana inalo ithuba lokuqukula isicoco kodwa konke kulele ekutheni kube iyona ekhipha iqembu okuyilona elikleliswe phambili kunawo wonke e-Afrika.
“Amathuba okufika kowamanqamu azokhula ngendlela emangalisayo uma singanqoba kwiMorocco ngoba sizobe singagcinanga ngokukhipha izwe elinzima kodwa lokhu kuzobe kusho i-quarter final engcono ngokubanzima kwazise kuyona sizogwema ukubhekana nezwe elithathwa njengelikhulu ebholeni lase-Afrika,” kusho uBroos.
“Angifuni kube sengathi kunamazwe engiwathatha kancane kodwa ukunqoba kwiMorocco ekleliswe phambili e-Afrika kuzobe kusho lukhulu nasekuzithembeni kwabadlali ngokuhamba komqhudelwano.
“Ngeke ivume iMorocco ukuphuma kalula futhi udumo eluthole ngokufika kweyandulela eyamanqamu yeNdebe yoMhlaba ngo-2022, eQatar, luyenza isilambele nakakhulu isicoco se-Afcon,” kuqhuba lo mqeqeshi waseBelgium.
UBroos ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lizobhekana kangcono neMorocco ngoba liyayazi, ngokunjalo nayo (iMorocco) iyazi ukuthi ibhekene neqembu elikwaziyo ukuyishaya.
“Siyayazi iMorocco ukuthi idlala kanjani nokuthi yini edingekayo ukuze uyithele othulini. Sidlalile nayo sathola imiphumela eyenza siye kulo mdlalo sikuqonda kahle kamhlophe okumi phakathi kwethu ne-quarter final,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi uqinisekise nokuthi balulama kahle oKhuliso Mudau noMothobi Mvala abathinteke koweTunisia.
Uzobe esebhentshini umqeqeshi weMorocco, uWalid Regragui, obekuthiwe ngeke abekhona ngenxa yesigwebo seCaf.
URegragiu ubegwetshwe ukweqiwa imidlalo emine, walengiselwa emibili kulandela ingxabano yakhe nokaputeni weDRC, uChancel Mbemba, uzobe esebhentshini kulandela ukuguqulwa kwalesi sigwebo seCaf.
Imidlalo ye-LSast 16 ye-Afcon elandelayo imi kanje:
Namuhla:
Cape Verde v Mauritania (Stade Felix Houphouet-Boingny, 7pm).
Senegal v Ivory Coast (Stade Charles Konan, 10pm).
Kusasa:
Mali v Burkina Faso (Stade Amadou Gon Coulibaly, 7pm).
Bafana Bafana v Morocco (Stade de San Pedro, 10pm).