NAKUBA ibhola liwumdlalo wamaqembu bahlezi bekhona abadlali abakhethekile, abathweswa ijoka lokuthwala amaqembu abo emiqhudelwaneni emikhulu.
Umgadli weZambia, uBarbra Banda, ubhekene naleyo nselelo njengoba kubhekwe kwiFifa Women’s World Cup ezoqala kusasa e-Australia naseNew Zealand.
IZambia ingene kulo mqhudelwano okokuqala iqeda endaweni yesithathu kwiWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) nyakenye.
ICopper Queens iqophe umlando engekho uBanda njengoba engazange adlale kwiWafcon ngenxa yokumiswa yinhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf).
Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi kwatholakala ukuthi lo mgadli ukhiqiza izinga le-testosterone (iqongufuqo) elingaphezulu kwelivumelekile emiqhudelwaneni yeCaf.
Isimo sakhe sicishe sifane nesomgijimi wakuleli, uCaster Semenya, oseneminyaka engagijimi emijahweni yamazwe ngamazwe.
Noma kunjalo, uBanda uvumelekile ukudlala emiqhudelwaneni yeFifa ngenxa yokuthi imithetho yayo yokulawula izinga leqongufuqo kalifani neleCaf.
Lokhu kuchaza ukuthi lo mdlali odlalela iShanghai Shengli yaseChina, usethubeni lokuqhubeka lapho agcina khona kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021.
Kulowo mqhudelwano wahlohla amagoli ayisikhombisa emidlalweni emithathu kodwa iCopper Queens yagcina ihlulekile ukudlulela esigabeni somkhumulajezi.
Kulokhu iZambia, ekleliswe endaweni ka-77 emhlabeni, izoqala kwiGroup C lapho iqhathwe khona neJapan, Costa Rica neSpain.
Izinxushunxushu ziphinde zalilandela leli qembu ngesikhathi iphephandaba lase-England, iThe Guardian, lishicilela udaba ngoJulayi 8, ngomqeqeshi uBruce Mwape, kuthiwa uyaphenywa ngezinsolo zokuhlukumeza abadlali ngokocansi.
UMwape usaqhubeka kodwa nokuqeqesha iCopper Queens ebizinze eGermany ngaphambi kwalo mqhudelwano. Kule khempu idlale imidlalo emithathu yobungani, yanqotshwa yiRepublic of Ireland ngo 3-2, yabambana neSwitzerland ngo 3-3 ngaphambi kokuthela phansi iGermany ngo 3-2.
“Ukuze ube ngumpetha, kumele uhlule amaqembu ahamba phambili. Ngokwami lesi yisikhathi sokukhombisa umhlaba ukuthi singabhekana nanoma yiliphi iqembu eNdebeni yoMhlaba,” kusho uMwape kwi-website yeFifa.
“Ngemuva kokuqhathtwa kwamaqembu ngaba nomuzwa wokuthi singadlulela emzuliswaneni womkhumulajezi futhi namanje ngisabona kanjalo.”
Abanye abadlali okubhekwe ukuthi benze ezibukwayo kwiCopper Queens nguGrace Chanda benoRachel Kundananji, abadlalela iMadrid CFF yaseSpain, no-Avell Chitundu weZesco Ndola Girls yaseZambia.
Amanye amaqembu aqhathwe neZambia kwiGroup C:
I-Spain
(esendaweni yesithupha emhlabeni)
Isiteketiso: La Roja
Umqeqeshi: Jorge Vilda
Ukaputeni: Ivana Andres
Abadlali abayingozi: Alexia Putellas, Jennifer Hermoso, Salma Paralluelo.
I-Costa Rica
(esendaweni ka-36 emhlabeni)
Isiteketiso: Las Ticas
Umqeqeshi: Amelia Valverde
Ukaputeni: Shirley Cruz
Abadlali abayingozi: Melissa Herrera, Raquel Rodriguez, Priscila Chinchilla.
I-Japan
(esendaweni ka-11 emhlabeni)
Isiteketiso: Nadeshiko
Umqeqeshi: Futoshi Ikeda
Ukaputeni: Saki Kumagai
Abadlali abayingozi: Mina Tanaka, Yui Hasegawa, Riko Ueki.