NJENGOBA iMamelodi Sundowns ivivela umdlalo wayo wokuqala weCaf Champions League kule sizini ezowudlala neMbabane Swallows yaseSwatini namuhla ebusuku, abadlali nethimba labaqeqeshi baleli qembu bayazigqaja ngonozinti wabo uRonwen Williams osanda kuqokelwa kowomklomelo weBallon d’Or.
Unozinti osemnkantshubomvu, uDenis Onyango nongomunye wonozinti beSundowns ababanga ijezi noWilliams, uzwakalisa ukumeseka uzakwabo ozobanga umklomelo nonozinti abasezingeni eliphezulu emhlabeni emunxeni weYashin Trophy. Umcimbi wokuklomelisa abadlali uzoba seParis, eFrance, ngo-Okthoba 28.
Kusukela kwethulwa iYashin Trophy ngo-2019 akekho unozinti wase-Afrika oseke wahlabana ngalo mklomelo wonozinti.
Unozinti waseSenegal, u-Edouard Mendy osedlala kwi-Al-Ahli yaseSaudi Arabia, walala isibili kuGianluigi Donnarumma weParis Saint-Germain ngo-2021.
“Kuyinto enkulu kuRonwen ukuqokwa kwakhe, kumfanele ngoba wenze umsebenzi oncomekayo kakhulu.
“Akulula ukuthi umdlali wase-Afrika aqokwe kwiBallon d’Or. Ngizizwa ngingokhethekile ukusebenza eqenjini linye naye,” kusho u-Onyango, ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weSundowns neSwallows.
ISundowns esingomakadebona kwiChampions League, izotholana neSwallows emdlalweni womlenze wokuqala womzuliswano wesibili walo mqhudelwano, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, namuhla ngo-8 ebusuku.
“Ngimbona esethubeni elikhulu lokuwudla lo mklomelo uRonwen uma ubheka indlela adlala ngayo kwi-Afcon. Wakhombisa izinga eliphezulu kakhulu, nokuvuthwa.
“Akangagcina lapho njengoba anqoba ne-AFL neSundowns, waphinda wenza kahle nasemidlalweni yeligi yasekhaya (Premiership).
“Uma ubheka onozinti aqokwe nabo ngicabanga ukuthi usethubeni elingcono kodwa akuthina esijajayo, sekuyobonakala khona.”
Phakathi konozinti aqhathwe nabo uWilliams kwiYashin Trophy, kubalwa u-Andriy Lunin weReal Madrid, uGregor Kobel weBorussia Dortmund noDonnarumma owahlabana ngalo mkomelo ngo-2021.
UWilliams wenza ezibukwayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoFebhuwari e-Ivory Coast lapho asiza khona iBafana ekubuyeni nendondo yethusi ilala isithathu kulo mqhudelwano, wanqoba neSundowns iCaf African Football League (AFL) eyayidlalwa okokuqala nyakenye.
Ephawula ngomdlalo wabo neSwallows, u-Onyango uthe: “Sibabonile bedlala emqhudelwaneni obuseMpumalanga (Mpumalanga International Premier Cup). Saphinda sabuka nama-vidiyo abo ambalwa. Bayiqembu eliyingozi kakhulu.
Ngeke nhlobo sibathathe kancane. Silindele umdlalo onzima kubona. Ukudlala kwabo kwiChampions League nokudlulela kwabo emzuliswaneni olandelayo kusho khona ukuthi bayiqembu elinzima.”