SITHEMBISO MKHIZE
KUBUKEKA liqhakazike ikusasa lengqwele yesicoco seWelterweight, KwaZulu-Natal, uLindokuhle "Nkabi" Dlamini njengoba uSolwazi uThulani "3 Seconds" Nkwanyana ongumelaphi wendabuko, eveze ukuthi uzoxhasa leli bhokisa ngenkece abuye alitholele izimpi.
Ngempelasonto edlule, uDlamini waseMevamhlophe, eMpangeni, uzimazise iKwaNongoma Multipurpose Centre, eshaya uNqobile Mzobe ngomcacamezelo womlalisa-phansi, emzuliswaneni wesithathu. Bebebanga ibhande lakulesi sifundazwe le-Welterweight elingaphethwe muntu.
UNkwanyana owaba yibhokisa iminyaka ecela ku-20 esisindweni se-Lightweight nakwi-Welterweight, nguyena uwavumbulula uDlamini. Ubengumqeqeshi wakhe esalwa kuma-amesha.
USamson Ndlovu obecija uDlamini kule mpi, wayecijwa nguye uNkwanyana esalwa.
UNkwanyana uthe maduze uzosayinda isivumelwane sokuba umxhasi kaDlamini ngokusemthethweni.
"Ngihluleke ukuzibamba ngibona uLindo (Dlamini) eshaya isibhakela esinenkosi phakathi. Ngimdala esibhakeleni, kade ngambona ukuthi unekusasa elihle. Okungaba isithikamezo kwimpumelelo yakhe yimali. Ngikhulumile nengibambisene nabo, sanquma ukuthi simxhase ngakho konke. Ngikhuluma nawe nje, simatasa nokubathengela zonke izimpahla zokudlala. Ngizophinde ngimxhase nangokukhokhela izindleko zokuhamba nokulala nokunye okuningi. Elinye ibhokisa engizoba umxhasi walo uSiyabonga Mpangele naye ongijabulisile ngempelasonto edlule, " kubeka uNkwanyana obuye abe umnikazi we-3 Seconds Boxing Promotions.
Uqhube wathi: "Inhloso yami ukuthi ekuqaleni konyaka ozayo uDlamini alwele ibhande likazwelonke le-Welterweight. Kulo nyaka sizimisele ngokuthi alwe kwizimpi ezintathu ukuze ezongena ezilinganisweni ze-Welterweight aphinde anyuke kuzo. Okuhle ukuthi nginobudlelwano obuhle nophromotha kulo lonke elakuleli. Ngiphinde ngibe nobudlelwano obuhle neJ4Joy Boxing Promotions kaMnisi (Jacob).“
UNkwanyana usezakhele igama ngokuvumbulula inqwaba yamabhokisa elinye eselingumpetha womhlaba.
Phakathi kwawo kukhona u-Innocent "Tycoon" Mantengu ongumpetha we-WBA Pan African Super Bantamweight noSiboniso "Tiger" Gonya owake walwela ibhande lomhlaba le-WBO Bantamweight.