UBONA umdlalo owandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout abazowudlala neTS Galaxy uyithuba elihle lokuthi baphinde babeke iqembu ethubeni lokuqeda ishobolo lokuqeda iminyaka lingaphakamisi ndebe umdlali waMaZulu FC, uWayde Jooste.
Usuthu neRockets bazobanga indawo kowamanqamu alo mqhudelwano odlalwa okokuqala ngqa kule sizini uma sebedudulana eMoses Mabhida Stadium ngeSonto, ngo-3 ntambama.
Sekudlule iminyaka engu-21 selokhu AmaZulu agcina ukunqoba isicoco njengoba agcina ngokunqoba wona lo mqhudelwano usabizwa ngeCoca Cola Cup ngo-1992, edla iKaizer Chiefs ngo 3-1.
Asengene kwemibili yamanqamu kusukela lapho, aguqiswa yiBidvest Wits ngo 3-0 kwiNedbank Cup ngo-2010, ashaywa yi-Orlando Pirates kwiMTN 8 ngonyaka odlule.
Nakuba uJooste wayengakabi wumdlali woSuthu ngesikhathi ludliwa ezikaMagebhula ngesizini edlule, uthe bonke bayazi ukuthi kumqoka kanjani ukuthi leli qembu liphinde lizisondeze nendebe.
Lo mdlali ogijima emuva ngakwesokudla ungomunye wabadlali abaseqenjini laMaZulu asebeke baqukula izindebe namaqembu abebewadlalela phambilini. Uthe kusemqoka ukuthi balethe lowo mqondo wokunqoba eqenjini, ikakhulukazi kubadlali abasebancane.
“Akumina ngedwa umdlali oseke wanqoba okuthile phambilini, bakhona nabanye asebeke banqoba izindebe ezithe xaxa futhi abake baba sesimeni esifanayo. Ulwazi esinalo sonke lungalisiza iqembu.
“Kumqoka kakhulu ukuthi sisebenzise amava esinawo, sinike nozakwethu umuzwa wokuthi uma sidlula kulesi sigaba sizobe sesidlalela okukhulu kakhulu. Akukhona ukuthi sizobe sikhuluma ngomlomo nje kodwa sizobe sikhuluma ngento esiyaziyo. Into esemqoka ukuqopha umlando, sizenzela thina siphinde senzele neqembu.”
Usuthu lushaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni wokugcina weDStv Premiership eliwudlale eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku. UJooste uthe nakuba kukhona abakufundile kulowo mdlalo sebekudlulisile ukudangala njengoba sebebheke komunye umdlalo obalulekile.
Iqembu likaJuan Pablo Martin selike lagadulisana neRockets eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weligi ngo-Agasti, lwanqoba ngo 1-0 ngegoli lika-Augustine Kwem. UJooste uthe nakuba lowo mphumela ungeke wenze mehluko ngeSonto, ukuhlaziya umdlalo kuzobasiza babone okumele bakuqinise ukuze bamangaze izitha.
“Kufanele sishintshe okuthile esingakushintsha ngoba bebebhekile ukuthi sidlala kanjani, kwazise sekunesikhathi bazi ukuthi bazobhekana nathi kowandulela owamanqamu.
“Nokho, angicabangi ukuthi kufanele sishintshe okuningi. Sizolungiselela lo mdlalo ngendlela ejwayelekile. Sizoya kuwona namasu athile, senze konke okusemandleni ukuze sithole umphumela omuhle,” kuphetha yena.