UMQEQESH weMidlands Academy, engompetha beSafa uMgungundlovu Hollywoodbets Regional League, uVincent “Masent” Myeni, uthi yize bemagange ngokwenza into yamehlo kuma-play-offs esifundazwe kodwa ngeke bayifake ingcindezi kubadlali baleli qembu.
IMidlands Academy, ezinze eScottsville, eMgungundlovu, neyiqembu eliyisikhungo esicija abadlali abasakhula, yiyona ezomela isifunda seSafa uMgungundlovu njengosokhaya kuma-play-offs aKwaZulu-Natal eSafa Hollywoodbets Regional League azobanjelwa eMgungundlovu ngoMeyi 31 kuya kuJuni 2.
Kule midlalo, okuzoqhudelana kuyo amaqembu angu-11 ezifunda zeSafa eKZN, kuzobe kuhlungwa amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seSafa ABC Motsepe League.
UMyeni, oqeqesha ngokubambisana noNhlanhla Ngema futhi ongomunye wabasunguli baleli qembu elasungulwa ngo-2014, uthe yize lizobe lidlala okokuqala emidlalweni yesifundazwe yokuhlunga kodwa okubaqinisa idolo wukuthi inkonyane izobe ingasethuki isisinga kubadlali balo emiqhudelwaneni emikhulu.
Leli qembu, elibophele iningi labadlali abasebancane abangaphansi kweminyaka engu-21, ngo-2022 libe ngompetha beKZN Engen Knockout Challenge, kwathi nyakenye balala isibili beguqiswa ngaMaZulu FC kowamanqamu awo lo mqhudelwano.
Ngo-Ephreli beliyibambe kwiPirates Cup U/19 ebidlalelwa eGauteng, lahlulwa kowandulela owamanqamu.
“Inhloso yethu enkulu ngenkathi sisungula lesi sikhungo kwakuwukunika abadlali bebhola abasebancane basesifundeni saseMgungundlovu ithuba lokuqeqeshwa ngendlela efanele besebancane.
Sinohlelo lokuhlonza abadlali ezindaweni ezahlukene kulesi sifunda saseMgungundlovu sibalethe kulesi sikhungo.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi abadlali bethu bazoyibamba ishisa kuma-play offs futhi sibathembisa into yamehlo abathandi bebhola basesifundeni saseMgungundlovu,” kusho uMyeni ogabe ngeziqu zeCaf B Licence kwezokuqeqesha.
“Ukufinyelela kuleli zinga kukodwa nje kusho lukhulu kubadlali bethu futhi bakujwayele ukudlala emiqhudelwaneni emikhulu yezinga lesifundazwe nekazwelonke, nengikholwa wukuthi ngeke kubethuse ukudlala le midlalo.
Yize sizimisele ngokulwela ukunqoba sikhushulelwe esigabeni se-ABC Motsepe League, ngeke sibafake ingcindezi abadlali bethu.”
UMyeni ubonge amagalelo abanye ozakwabo abambisene nabo kuleli qembu okubalwa kubo uNgema, Thulani Latha, Ashley Ulbricht, Ntuthuko Ntshangase, Phakamani Nxumalo (oqeqesha onozinti), noSithembiso Mkhathini imenenja.
Amaqembu ezifunda zeSafa KZN asezibekisele indawo kumaPlay-Offs: Red Swallows (aMajuba); Ikhambi Football Academy (uMkhanyakude); Tornado FC (King Cetshwayo); Junior Eleven (uThukela); Mandeni Citizens (iLembe); Goodfellas FC (Harry Gwala), Midlands Academy (uMgungundlovu).
*Imidlalo yokuhlunga yeSafa eThekwini, Zululand noMzinyathi kulindeleke idlalwe kule mpelasonto.