UMDLALI wasemuva kwiKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, uthi yize kumkhuthazile ukushaya igoli lakhe lokuqala edlubhe ijezi leChiefs kodwa uyakuqonda ukuthi usahlalelwe ngumsebenzi onzima eqenjini lakhe elizobhekana neMamelodi Sundowns namuhla ngoMgqibelo ntambama.
IChiefs izotholana phezulu neSundowns emdlalweni weBetway Premiership obhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola ozodlalelwa eFNB Stadium, eGoli, ngo-3 ntambama.
UMiguel (28), ojoyine iChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiPetro de Luanda yase-Angola, usekhombisile ukuthi uzoshesha azinze kuleli qemubu laseNaturena abingelele ngegoli kubalandeli balo abebegcwele phama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku. Ungqomfela phakathi igoli lesithathu ngesikhathi zibhaxabula AmaZulu FC ngo 3-1 kowePremiership.
“Yize ngingeze ngagxila ekushayeni kwami igoli emdlalweni wangoLwesine (bebhekene naMaZulu), kodwa kona ukushaya kwami igoli lami lokuqala eqenjini kungijabulise kakhulu, kwangikhuthaza ekuqhubekeni nokwenza kahle eqenjini.
Njengamanje esengigxile kukhona nozakwethu wumdlalo esiyowudlala neMamelodi Sundowns, okuwumdlalo obalulekile njengoba siyobhekana neqembu engilihloniphayo elinabadlali abanethalente. Kodwa kufanele silwele ukwenza kangcono uma sesibhekene nayo phambi kwabalandeli bethu, sigweme amaphutha ngoba iphutha elincane nje bangashaya igoli,” kusho uMiguel, okwaziyo ukubhekana neSundowns kusukela eqenjini lakhe elidala i-de Luanda emidlalweni yeCaf Champions League.
Uncome omunye wozakwabo ayibambe naye emuva maphakathi nendawo, uRushwin Dortley, naye osakhombise izimpawu zokuthi uzoshesha ukuzinza, njengoba ejoyine leli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiCape Town Spurs.
“UDortley ungumdlali onethalente, osemncane nozithobile. Uyathanda ukulalela, okuyinto ebalulekile, ngoba abadlali abasebancane kufanele balalele
Usayibambe kahle kakhulu, hhayi kwiChiefs kuphela, kodwa naseqenjini lesizwe (iBafana Bafana),”
Ukukhombisa ifomu kukaGastin Sirino emidlalweni emibili yakamuva yePremiership edlubhe ijezi laMakhosi yikho kanye okwenza lo mdlalo ubhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola njengoba lesi sikhwishikhwishi somdlali wasesiswini sisuka kuyo iSundowns.
Ngakolunye uhlangothi amaSandawana nawo aseqalile ukukhombisa izimpawu zokuhlangana ngaphansi komqeqeshi uManqoba Mngqithi azolwela ukuqhubeka nomgqigqo asaqale ngawo le sizini njengoba ngoLwesibili evulele isibhaxu sika 4-1 kwiMarumo Gallants.
Ngale kwalokho, lo mdlalo ungafaniswa nowamagqubu njengoba amaSandawana abukisa ngeZimpofana ezithela isibhaxu sika 5-1 emzuliswaneni womlenze wesibili wangesizini edlule.