ONGUMDLALI wasemuva kwiRichards Bay FC, uSibusiso Mthethwa, akafisi ukwehlelwa yisimo esifanayo esamehlela kumasizini edlule egawulwa yizembe neqembu lePremiership elingalibonanga elidlalayo kumaPSL Promotion Play-Offs.
IRichards Bay eqede isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership, ibhekene nomshikashika wokuzabalazela ukubuyela kwiPremiership ngokudlala imidlalo yamaPSL Promotion Play-Offs namaqembu amabili eMotsepe Foundation Championship, iBaroka FC ne-University of Pretoria.
Iqembu elizodla umhlanganiso kule midlalo ezodlalwa ezinkundleni ezahlukene ekhaya nasekuhambeni ngokweqembu ngalinye kusukela kusasa kuya kuJuni 18, yilona elizodlala kwiPremiership ngesizini ezayo.
IBay izovula ngomdlalo wasekhaya ne-University of Pretoria, eRichards Bay, ngoLwesithathu ngo-1 ntambama.
“Ngikholwa wukuthi indlela esikhombise ngayo ukulwa kule midlalo yokugcina yeligi, ukubala nowokugcina esiwudlale neStellenbosch (benqoba ngo 2-1), yenza siye kule midlalo yamaPlay-Offs siqine idolo, sinokuzethemba ngokufika siphumelele kuyona.
Siyazi ukuthi ngeke kube yimidlalo elula le esiyoyidlala, ikakhulukazi njengoba siyodlala namaqembu azobe elwa ngayo yonke indlela ukungena kwiDStv Premiership,” kusho uMthethwa.
UMthethwa uke wabhekana nesimo esifanayo phambilini ngesizini ka-2015/16 esadlala kwi-University of Pretoria isayibamba kwiPremiership. Yaqeda endaweni ka-15 kwi-log, kwabe sekudingeka idlale neHighlands Park neMbombela United okungamaqembu ayedlala kwiNational First Division (esiyiMotsepe Championship) kumaPlay-Offs okuzabalazela ukungena kwiPremiership.
Sekungumlando ukuthi amaTuks awalibonanga elidlalayo kule midlalo yokuhlunga, okwagcina kuphumelele kuyo iHighlands Park, wona ehlela esigabeni seChampionship.
“Angiyifisi leyo, ngoba ngiyabazi ubuhlungu bayo, ngakho angifisi ukuthi iphinde ingehlele neqembu lami iRichards Bay. Yingakho nginethemba lokuthi sizokwazi ukuyinqoba le midlalo sibuyele kwiPremiership, ngoba ukwehlela kwiMotsepe Championship kufana kunokulahlekelwa ngumsebenzi kubadlali, ngenxa yobunzima balesiya sigaba.”
Umlando ucishe uwavune amaqembu ePremiership kule midlalo yokuhlunga njengoba kumasizini amahlanu edlule, kwamane awo kuphumelele awePremiership kusukela ngesizini ka-2018/19 kuya kweka-2021/22 okugcine kuyiMoroka Swallows.
Nokho ngesizini edlule iMaritzburg United nayo ebiyiqembu lePremiership kule midlalo ibhekene namaqembu eChampionship, ayilibonanga elidlalayo, kwagcina kuyiyona eshoveleka kwiChampionship ilandela iMarumo Gallants okuyiyona eyayiqede isemsileni kwiPremiership.
Isiyonke imidlalo yamaPSL Promotional Play-Off:
Namuhla - Ngo-3pm: University of Pretoria v Baroka (Tuks Stadium)
NgoJuni 5 - Ngo-1pm: Richards Bay FC v University of Pretoria (Richards Bay)
NgoJuni 8 - Ngo-1pm: Baroka FC v Richards Bay FC (Peter Mokaba Stadium)
NgoJuni 12 - Ngo-1pm: Baroka v University of Pretoria (Peter Mokaba Stadium)
NgoJuni 15 - Ngo-1pm: University of Pretoria v Richards Bay (Tuks Stadium)
NgoJuni 18 - Ngo-1pm: Richards Bay FC v Baroka FC (Richards Bay)