UKUKLWEBHANA phakathi kukaRhulani Mokwena, noSead Ramovic, sekuqala ukuphuma esandleni futhi kusemqoka ukuthi banqandwe bangaze bangqimuzane ngesibhakela. Lokhu kuzofaka ehlazweni iPremier Soccer League (PSL), ezama ukuzidayisa njengenye yamaligi angcono e-Afrika.
Lona umbono kaRoger De Sa, owayeqeqesha i-Orlando Pirates, ephawula ngomsindo obungaqali osuke eMbombela Stadium, emdlalweni weDStv Premiership obungoLwesibili ebusuku phakathi kweTS Galaxy neMamelodi Sundowns.
ISundowns ibuye kunzima yathola iphuzu ngemva kokudlala ngokulingana ngo 1-1. Umdlalo woniwe yizidubedube ezisuke emuva komdlalo lapho kushode ozogadla phakathi kukaMokwena, noRamovic.
Ngaphambi kokuqala komdlalo kuvele ukuthi iGalaxy imangalele uMokwena ngokufaka amaphepha enkantolo lapho ibimsola ngokwehlisa isithunzi sikaRamovic.
UMokwena wasola uRamovic ngokuhlohla abadlali bakhe ukuthi baqinise unyawo ngesikhathi bebhekene emasontweni edlule, wathi yikhona okwaholela ekutheni kulinyazwe umdlali wezakhe, uBongani Zungu.
UZungu useqhulwini ekuxabaneni kukaMokwena noRamovic ngoba nguyena owalimaza uBernard Parker, emdlalweni weCarling Knockout Cup obungo-Okthoba nyakenye.
Sekuwumlando ukuthi lowo mdlalo owawunezidubedube waphela zibambene ngo 2-2 kodwa wanqotshwa amaRockets sekukhahlelwa amaphenathi.
Ekuqaleni kuka-Ephreli koweligi phakathi kweSundowns neGalaxy, uZungu ukhishwe ngohlaka ngoba eselimele ngemva kokudlaliswa kabi, ngu-Orebotse Mangae, okhishwe ngekhadi elibomvu.
Ngemuva komdlalo wangoLwesibili eMbombela, izithombe ezikhonjiswe kwithelevishini ziveze sekugcwele amaphoyisa enkundleni, ezama ukudambisa isimo. Abethimba leSundowns bebevimba uMokwena obebhoka ngolakala nokho kungezwakali ukuthi uthini, nasohlangothini lweGalaxy bebekhona abebenqanda uRamovic.
Kubonakale obizwe njenge-physical trainer yeSundowns, egolozelana noRamovic besho ukungqubuzana ngamakhanda.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo ekuseni, uDe Sa uzwakalise ukuphoxeka ngokuziphatha kwabaqeqeshi.
“Kuzogcina kuphoqa ukuthi banikezwe igumbi abazovalelana kulona bahlubane ngequpha bayiqede le ndaba ngoba lobu bungane ababenzayo sebuqala ukubanga amahloni,” kusho uDe Sa.
“Engikwaziyo ukuthi imimoya iyakhuphuka ngesikhathi somdlalo kodwa ngazi ukuthi abaqeqeshi bangabalingani okufanele bahloniphane ngaso sonke isikhathi. Lokhu kuklwebhana yinto ongayilindela kubadlali kodwa uma kungabaqeqeshi kuyaphoxa ngoba yibona okufanele bakhombise indlela yokwenza izinto.
“Ngokwami sekuyisikhathi sokuthi izikhulu zeSundowns, nezeGalaxy ziqhamuke neqhinga lokulungisa isimo ngoba sehlisa isithunzi kuwona womabili amaqembu,” kuphetha uDe Sa.
Emuva komdlalo uMokwena ephawula kuSuperSport, uthe: “Ngicabanga ukuthi lona umdlalo omubi webhola esengike ngaba kuwona ngezindlela eziningi. Kodwa, kumele ngibongele abadlali bami. Abavumi ukwehlulwa, ngiyaziqhenya ngabadlali beSundowns, nomndeni weSundowns. Silwe kanzima. Ngiyaziqhenya kakhulu.“
URamovic kweyakhe inkulumo eyenze kwiSuperSport ngemuva komdlalo udedele isibhaxu somlomo asibhekise kuMokwena.
“Manje uyabonga ukuthi awuwini ngabadlali bezigidi kuphela kodwa uyanqoba ngokuzinikela okuphindiwe kwafana nezigidi. Asinawo amandla ngokwezimali njengabo ukusebenzisa imali engaphezulu kuka-200 million. Ngiyabancoma abadlali bami. Sidlalile ezinsukwini ezintathu ezedlule kodwa bakwazi ukuzimisela sibe sidlala ngesikwati esifanayo kodwa bebenomfutho ofanayo. Asishintshanga abadlali abahlanu njengabo. Kodwa ngiyazibonga nazo izimbangi ngokusinikeza umdlalo omuhle. Bekuwumdlalo omuhle kubalandeli. Nokho kumele sikucacise ukuthi sibe namathuba amahle, njengoba ngihlezi ngisho kumele silungise uma sesiphambi kwamapali uma unalamathuba ngoba awuwatholi njalo uma udlala neqembu elihle njengabo,” kusho uRamovic.
Uqhube wathi:“ Lokhu kusayisiqalo, njengoba ngasho ngifika lapha ukuthi sifuna ukuba elinye lamaqembu aphambili kwiligi, silokhu siya ngokwenyuka unyaka, nonyaka. Manje sesinamaphuzu awu-44. Kumele siqinisekise ukuthi sinqoba umdlalo wokugcina. Uma inkosi ivuma kuzoba kuhle kakhulu uma siqeda kwiTop
“Kithina kuzofana nokunqoba iligi. Ikakhulukazi njengoba singaqinile ephaketheni njengamanye amaqembu, ikakhulukazi uMr Sunshine (esho uMokwena) nethimba lakhe. Yikhona lokhu (esho iGalaxy) ukusebenza kanzima, ikhona lokhu ukuqeqesha. Ilona izinga eliphezulu lokufunda leli njengomqeqeshi. Uma befuna ukusishaya futhi mhlawumbe kumele bathenge uMbappe, Ronaldo noMessi. Mhlawumbe lapho ke angaphinde abe nethuba noma ke aye koqeqeshwa okusezingeni eliphezulu.
“Kukho konke ngibongela iSundowns (isikhungo) ngesicoco, inabalandeli abahle nabadlali abaphambili.”
Ngaphambi komdlalo, ngenyanga edlule womabili amaqembu atholene phezulu koweligi, lapho iSundowns idlule ngehubo ngo 3-0.