KUZONQWAMANA onozinti abathathu abasemabhukwini amaqembu ahlukene adlala esigabeni esikhulu se-Premier Soccer League (PSL), ku-Group A we-Africa Cup of Nations (Afcon) osekubalwa izinsuku ukuthi iqale emadolobheni ahlukene ase-Ivory Coast.
Le ndumezulu yomqhudelwano obekufanele ibe nyakenye, iyaqala ngoMgqibelo lapho kubhekwe khona ukuthi iSenegal eholwa, uSadio Mane, izosivikela yini isicoco noma i-Egypt, kaMohamed Salah, izowalungisa amaphutha ewenze ngo-2021, kwelaseCameroon.
Bobathathu labo nozinti namazwe abo, okungu-Ali Badra Sangare weSekhukhune United ne-Ivory Coast, Stanley Nwabili, ovimbela iChippa United odabuka eNigeria noManuel Sapunga, wePolokwane City odabuka kwelase-Equatorial Guinea, bazobe bebanga izindawo ezimbili ukuze bengene emzuliswaneni olandelayo. Mabili amaqembu esizwe azodlula kweyomkhumulajezi iqoqo ngalinye. Izwe lesine ku-Group A iGuinea-Bissau.
USangare osevimbe kwengu-10 yeDStv Premiership kule sizini ubanga isikimu noYahia Fofana, odlalela i-Angers FC yaseFrance noCharles Folly, ovimbela i-Asec Mimosa.
Okubeka lo nozinti weSekhukhune ethubeni lejezi ukuthi kowobungani obungoJanuwari 6, i-Ivory Coast ewunqobe ngo 5-1 kwiSierra Leone, uyena oqale umdlalo ezintini.
KwiNigeria, uNwabili okungesakhe isikimu kumaChilli Boys, usibanga noFrancis Uzoho, ovimbela i-Omonia yaseCyprus noLeke Ojo we-Enyimba yakhona eNigeria.
Nakuba uNwabili ezenzela embangweni kwiChippa okufakazelwa ukuthi usedlale kwengu-15 yeligi kodwa umiswe kabi u-Uzoho kwelesizwe kwazise uyena obukeka enethuba lokuqala kwi-Afcon.
UJesus Owono we-Alaves yaseSpain no-Aitor Embela, naye odlalela iSoneja yakhona eSpain, bamhlalise kabi uSapunga kwelesizwe le-Equatorial Guinea kwazise ibona abajwayele ukushintshana.
Akubona labo nozinti kuphela abamele i-PSL kule ndumezulu yomqhudelwano kwazise ne-Orlando Pirates inikele ngoRichard Ofori, ovimbela elinye lamazwe ahlale efika kwi-Afcon ethishwe ukwenza kahle, iGhana.
Bobane labo nozinti bahlanganisa isibalo sabangu-16 abadlalela amaqembu ale ligi ababizwe amaqembu abo akwi-Afcon.
Lesi sibalo (16) asibafaki abeBafana egqishe ngabangu-21 kwesayo isikwati kodwa siyabafaka abayisishiyagalolunye abasesikwatini seNamibia eseqoqweni okukhona kulona iBafana.
Eqoqweni leGhana (Group B), u-Ofori angase abhekane nembangi yakhe enkulu ajwayele ukuhlangana nayo kweyezinkunzi zaseSoweto, u-Edmilson Dove, odlalela iKaizer Chiefs kodwa kulokhu umele izwe lakhe iMozambique, eholwa u-Elias Pelembe (40), wodumo kwiMamelodi Sundowns nakwiRoyal AM.
Amanye amazwe azobe ebangisa laba badlali kuleli qoqo kugqame kakhulu i-Egypt esenezibhobo ngokushaywa iSenegal emaphenathini kowamanqamu wango-2021, neCape Verde evamise ukushiya kukhalwa ngegcwenga yebhola elidlalayo.
Akhona amaqoqo angenabo abadlali abasemabhukwini amaqembu e-PSL kodwa, u-Group E uzofana nokuthi umdlalo wePSL uma sekuhlangene iBafana neNamibia ngoJanuwari 21, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo.
Ngalolo suku iBafana enabangu-21 abadlalela amaqembu e-PSL, bayobe bebhekene neNamibia ebophele uPeter Shalulile (Sundowns), Deon Hotto (Pirates), Edward Maova (University of Pretoria), Lloydt Kazapua (Chippa), Riaan Hanamub (AmaZulu), Lubeni Haukongo (Cape Town Spurs), Ananias Gebhardt (Baroka), Bethuel Muzeu (Black Leopards), noJoslin Kamatuka (Maritzburg United), esikwatini sayo.
ISundowns, umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, abumbe ngayo iqembu lakhe, iyona enikele ngabadlali abaningi ukuwedlula wonke amanye amaqembu akhona kwi-Afcon ka-2024/2024. IBafana inabadlali abangu-10 bamaBrazilians.