BATHATHE izinyathelo abadlali bedinwa yizikhulu ezilushaya indiva udaba lokungakhokhelwa kwabo amabhonasi yize basiza iMarumo Gallants ngesizini edlule, yangena kowamanqamu eCaf Confederation Cup.
Isolezwe lihoshe ukuthi ukudonsa izinyawo kwezikhulu zeGallants ngodaba lwamabhonasi sekwenze abanye balaba badlali baludlulisela enkampanini yabameli iDe Bruyn Attorneys, ezinze ePaarl, eWestern Cape.
Indaba yokuthi umnikazi weqembu u-Abram Sello, uzobabonga ngamabhonasi abadlali luvele ngesikhathi belifaka kuma-quarterfinal eConfederation Cup. Nokho isikhulu asisifezanga isithembiso.
Isolezwe labika ngesiteleka sabadlali beGallants abasihlela ngaphambi kokuyobhekana nePyramid yase-Egypt, emlenzeni wokuqala walesi sigaba.
Babengafuni ukulifulathela elakuleli benganikiwe okungakwabo. Ngokusho komthombo, uSello wasizwa ukuthi anxuse owayengukaputeni weqembu uLehlogonolo Nonyane, ukuthi atshele abadlali ukuthi imali yabo uzobanika sebefike e-Egypt.
Kuthe sekufikiwe kuleliya lizwe kwavela ukuthi isikhulu saphinde sathembisa ukukhokha uma iCaf seyiyifakile imali elinganiselwa ku-R6.49 million ngokungena kuma-quarterfinal.
Lokhu akuzange kwenzeke kodwa abadlali baqhubeka badlala iqembu langena kweyandulela owamanqamu lapho lahlulwa yiYoung Africans yaseTanzania.
Ngokusho kwabakweletwayo, iqembu bekumele libanike u-30% wesamba esinguR14 million esatholakala ngokungena kweyandulela owamanqamu.
Omunye umdlali ongathandanga ukuthi kuvezwe igama lakhe, uthe okwenza isikhulu sibaleke kalula ukuthi kalisekho kwiGallants iningi ebelidlala kwiConfederation. IGallants idliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule njengoba isidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Abanye babo, uLucky Mohomi, Letsie Koapeng, Katlego Otladisa, Celimpilo Ngema, Lebogang Mabotsha, ukusho abambalwa.
Ngokuthola kweSolezwe laba badlali abakweletwayo bathathe isinqumo sokuhlanganisa imali yommeli ozobafunela imali yabo. Kuthiwa leli qoqo liholwa nguKoapeng, noMohomi asebedlala kwiRichards Bay.
UKoapeng uthe abammeli babo babatshele ukuthi udaba sebecabanga ukuludlulisela phambili ngoba ubuholi beGallants abubaphenduli.
"Noma ngingakazi ukuthi sizophinde sihlangane nini nenkampani yabammeli bethu kodwa ngiyazi ukuthi udaba selunyuselwa kwelinye izinga. Ngeke siphele amandla, siyayifuna imali yethu. Sizolwa kuze kunqamuke izandla," kubeka uKoapeng.
“Siqome ukuwenza ngokuzimisela umsebenzi wethu nakuba besibona ukuthi isimo sezimali asisihle. Angisayiphathi-ke eyobunzima ebesibuzwa uma siyodlala ngaphandle. Kunzima kunjalo, sidlale saze safinyelela kowandulela owamanqamu. Kungashona ilanga uma ngingabalisa ngakho. Kulungile uma kuwukuthi abaphathi beGallants babona ukuthi kumele basibonge kanje.“
UKoapeng uthe bavumelane bebodwa ukuthi inkinga yabo iqale iliwe kakhulu yinkampani yabammeli ezimele.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lukaSello, kwale noma esethunyelwe umlayezo.
Okhulumela iGallants, uRufus Matsena, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba.
Izindaba zokubheda kwemali kuleli qembu ziqale ukuvela lisadlala esigabeni samaqoqo alo mqhudelwano.
UMatsena, noTebogo Dhlomo ongudokotela weqembu, kwaphoqeleka ukuthi bagcinwe amasonto amathathu, eBenghazi, eLibya. Abanikazi behhotela ababehleli kulona bethi ngeke bagoduke kuze kube wukuthi uSello ukhokhela umnikazi wehhotela okwakulelwe kulona kuzodlalwa ne-Al-Akhdar, ngoMashi. Ukuze babuye laba kwagcina sekungenelela nohulumeni wakuleli.