UBUNZIMA bokuyisa abadlali baseNingizimu Afrika e-Europe, bugqame ngendlela yokuthi kuyimanje livulekile iwindi lokuhwebelana ngabadlali emhlabeni kodwa munye vo umdlali wePremiership omataniswa neligi yaphesheya.
Lowo nguThapelo Maseko, oyibamba ezimpondweni kwiSuperSport United.
Naye ukhonjwa eligini yaseBelgium, kwiWesterloo ngoJanuwari edayise umgadli weBafana Bafana uLyle Forster kwiBurnley esanda kukhuphukela kwi-English Premiership.
UMaseko (19) uvunwa yiminyaka kanti nezindaba zakhe zenganyelwe nguGlyn Binkin, okulindelwe abe nobudlelwano obuhle nemakethe yase-Europe kwazise uphathe izinsephe zeBafana eziyibambe emaligini amakhulu e-Europe.
Lezi zinsephe nguLucas Radebe noPhilemon Masinga (ongasekho), bobabili abadlale kwiLeeds United noMark Fish odlale kwi-Italian Serie A (Lazio) nakwi-English Premier League (Bolton Wanderers, Charlton Athletic ne-Ipswitch Town).
UBinkin akakufihli ukuthi uMaseko naye kungenzeka aphelele ekhaya ngenxa yemali ebekwa yiMamelodi Sundowns etafuleni nengcono kakhulu ukuneyeWesterloo, esike yachithwa kwiSuperSport.
Eqinisweni, uBinkin, uthi ukukhokha kahle kwamaqembu e-PSL kunesandla esikhulu ekufiphazeni indlela yabadlali ekuyeni e-Europe.
“Into enkulu ekuweliseni abadlali phesheya kulezi zinsuku, yindlela okwenzeka ngayo izinto kwi-PSL njengoba sekuholwa izindodla. Lokho kwenza abadlali bangalangazeleli kangako ukuya phesheya,” kusho uBinkin.
“Umehluko ngabango-1996 wukuthi babazi ukuthi ukuze bahole imali enhle, kumele bawelele phesheya. Ukuhola kahle kwabadlali besekhaya, kwenza bangakulangazeleli ukuya phesheya.
“Yingakho nje babezinikela naseqenjini lesizwe ngoba kwakuyithuba lokuzibonakalisa emaqenjini aphesheya. Kusukela lapho, kuyavela ukuthi izinga lokudlalwa kwebhola eNingizimu Afrika alikho phezulu.
“Buka nje ngoba umdlali wokugcina waseNingizimu Afrika owenze kahle phesheya eligini enkulu, nguSteven Pienaar kodwa naye futhi akaqhelile kangako kulesiya sizukulwane sango-1996.
“Sibe nabo abadlali banjengoPercy (Tau) kodwa naye ufike wadonsa kanzima eligini enkulu e-Europe njengoba esebuye ngonyawo oluhle e-Afrika. Uma ubuza mina, kulele kubo abadlali ekutheni bangabeki imali phambili besebancane ukuze bayodlala ibhola elikhulu e-Europe.
“Kulezi zinsuku imakethe iyazisefela yona imali ekhokhelwa abadlali. Amaqembu ase-Europe amanqika ukusayinisa abadlali base-Afrika abaficwa yiminyaka ethile bengakaze badlale e-Europe.”
UBinkin naye uqobo uyasolwa ngokunikezela ngabadlali kwiSundowns njengoTebogo Mokoena no-Aubrey Modiba kube kunemibiko ebamatanisa namaqembu aphesheya.
“Yiqiniso ukuthi bobabili u-Aubrey Modiba noTebogo Mokoena bebefunwa ngamaqembu ase-Europe kodwa inkinga wukuthi abengazimisele nakancane ukufika ezingeni iSundowns ezibophezele ukubakhokhela ngayo,” kusho uBinkin.
“Lapho babengabizi nakangako. Inkinga wukuthi emaketheni yase-Europe bathe chithi saka abadlali abatholakala mahhala futhi abanamava okudlala khona.”
Inkulumo kaBinkin yenanela ekaMike Makaab yango-2021, naye onomlando wokuphatha izindaba zabadlali abaphambili eNingizimu Afrika nogcine ukuyisa umdlali phesheya ngo-Andile Jali naye odlale eBelgium kwi-KV Oostende.
“Zinzima kakhulu izingxoxo zokudayisa abadlali emaqenjini aphesheya ngenxa yokukhuphuka kwezimfuno zabadlali be-PSL,” ucashunwe kanje uMakaab.
“Ngaphezu kwalokho, abadlali baseNingizimu Afrika, babanga nabaseSouth America, Eastern Europe nakwezinye izindawo ezilwela ukudlala emaligini amakhulu e-Europe. Sizoshweba okuningi uma singayisingathi ngendlela eyokubiza kwabadlali (be-PSL) nezimfuno zabo.
“Amaqembu ase-Europe ayakuxwaya ukusayinisa ngemali enkulu abadlali base-Afrika, abavela ngqo ezwenikazi. Aqoka ukubasayinisa besebancane noma labo asebenamava okudlala e-Europe.”