KUYADIDA okweFederation of International Football Association (Fifa) neMorocco ngoLwesihlanu abavalane umlomo ngokunikana ilungelo lokusingatha i-2023 Fifa Club World Cup.
Lokhu bekungekubi kodwa okudidayo wukuthi kwenzeke emuva kokuthi iMorocco ifake isimangalo ngesandla sikanondweba oyidlalise kowamanqamu ibhekene neFrance kowandulela owamanqamu e-2022 Fifa World Cup ngoLwesithathu ebusuku.
IMorocco iguqe ngo 2-0 kwiFrance ngoLwesithathu kodwa esimangalweni icaphuna iziwombe ezimbili lapho ibona bekufanele inikwe khona amaphenathi kodwa akwangenzeka.
Basola unondweba uCesar Ramos, esigamekweni sokuqala ngokubancisha iphenathi kodwa wanika uSofiane Boufal ikhadi emsola ngokudlalisa kabi uTheo Hernandez.
Isikhalo sesibili ngukuziba kukaRamos isigameko lapho uSelim Amallah weMorocco elahlwe khona phansi ngesiwombe sesibili.
Okukhalisa iMorocco nakakhulu yilokhu okwenzeke nasemdlalweni wokuqala weGhana nePortugal lapho ezase-Europe zigcine zinqobe khona ngo 3-2.
Kulowo mdlalo kwanikwa uCristiano Ronalso iphenathi engekho futhi yazitshwa sengathi kayikho iVAR.
Nakulokhu kweMorocco, kube sengathi kayikho iVAR kulezi sigameko.
Igcine ifake isimangalo esisemthethweni ngalokhu iMorocco kodwa iFifa esikhundleni sokuphendula, kuvele izindaba ezithi isinike leli lizwe ilungelo lokusingatha iClub World Cup.
Lokhu kuzokwenzeka ngoFebhuwari 1-11.
Kuyamangaza ukuthi iFifa nebala ibihlezi ingenabo abasingathi balo mqhudelwano wamaqembu ayisikhombisa ozodlalwa esikhathini esingamasonto ayisithupha.