KUVELA ukuthi iMoses Mabhida Stadium ingase imenyezelwe njengenkundla ezosingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba phakathi kweMamelodi Sundowns neCape Town City ngo-Okthoba 30.
Umthombo waleli phephandaba ongaphakathi eMabhida, ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba, uveze ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ibathintile ngalo mdlalo, ibazisa ukuthi abebe beqala ukwenza amalungiselelo.
Uqhube wathi iPSL yazise ubuholi bale nkundla ukuthi izomemezela lesi sinqumo namuhla noma kusasa.
"Impela iPSL isithintile, isitshela ukuthi asibe siqala amalungiselelo alo mdlalo. Kusukela eminyakeni edlule inkampani yakwaMTN ayiwuvali umlomo ngezinga eliphezulu elihlale litshengiswa yiMabhida uma inikwe igunya lokusingatha owamanqamu. UMasipala weTheku (okuyiwo ophethe le nkundla) uphinde ube nobudlelwano obuhle nePSL. Lo mdlalo bewungaya eNelson Mandela Bay Stadium noma kwenye inkundla, kodwa iPSL neMTN babheke nokuthi ukusuka eCape Town noma eGoli uza eThekwini kuzoba lula kula maqembu," kubeka umthombo.
USjabu Ntuli oyibamba lemenenja eMabhida, uthe lolu daba uqala ukuluzwa ngeSolezwe.
"Engikuzwile ukuthi iPSL izomemezela kuleli sonto ukuthi yiliphi idolobha noma inkundla ezosingatha owamanqamu eMTN8. IPSL beyingakasazisi ngalokhu, mhlawumbe isazositshela," kubeka uNtuli.
UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL ushaye ngamafuphi, ethi: “Emasontweni amabili edlule ngagcina kuthiwa iMabhida izosetshenziselwa ukuvota. Angazi noma sekubuye kwashintsha yini. Zintathu izinkundla iPSL ezokhetha kuzona. Izomemezela maduze ukuthi igcine iqoke yiphi.”
Uma iMabhida igcine iqokiwe, izobe ingaqali ukusingatha umdlalo wowamanqamu.
Selokhu yasungulwa, seyisingathe imidlalo yamanqamu emihlanu. Nyakenye i-Orlando Pirates iyiphakamisele kule nkundla umdlalo wamanqamu inqoba iBloemfontein Celtic ngo 2-1.
Kweminye iminyaka okwadlalelwa kuyo eyamanqamu kule nkundla, u-2018, 2017, 2014 nango-2013.
Akubuzwa ukuthi iCape Town City ithandazela ukuthi umlando uziphinde kule nkundla.
Yazibula ngenkomishi yeMTN8, ngo-2018, ishaya iSuperSport United, kuyo le nkundla.
Khona eMabhida, ngo-2017 yayikade idliwe yiwo Amatsatsantsa a Pitori.
ISundowns yagcina ukunqobela isicoco eMabhida ngo-2019, ishaya iMaritzburg United ngo-2-1 kowamanqamu eTelkom Knockout.
Selokhu iMTN yaba abaxhasi balo mqhudelwano ngo-2008, Amasandawana awakaze ayinqobe le ndebe. Agcina ukuyiphakamisa ngo-2007 isabizwa nge-SAA Super 8.