AYAMFIMFA amathuba okuba yingxenye yombango wejezi kwiMamelodi Sundowns konozinti abasayiniswe ileli qembu laseChloorkop ngenhloso yokuwushubisa.
Lokhu kuhlale obala enkulumweni yakamuva kaMiguel Cardoso ongumqeqeshi osanda kuthatha umsebenzi kwiSundowns kulandela ukuhlukana kwayo isigubhukane noManqoba “TV” Mngqithi ngasekuqaleni kukaDisemba.
Ngesikhathi uRiyard Pieterse (32), Jody February (28) noSanele Tshabalala (26) besayina kwiSundowns ngokwehlukana, babenamaphupho okuthi ngelinye ilanga ijezi kuyoba ngelabo kuleli qembu eselikhonye iligi enkulu yaseMzansi amasizini ayisikhombisa elandelana.
Okuhlaluke ngesikhathi Isolezwe libuza uCardoso ngesimo sonozinti nangezinhlelo zakhe ukuthi akukho okuzosusa uRonwen Williams eqhulwini kanti iphini lakhe kusenguDenis Onyango ozohlanganisa iminyaka engu-40 ngoMeyi.
“Okusobala wukuthi bonke onozinti esinabo babhekene nobunzima ngenxa kaWilliams,” kusho uCardoso muva nje eseThekwini.
“Asibheki amagama abadlali uma sibophela isikimu kepha sigxila kulokhu umuntu akwenzayo. Okwamanje sisakhangwe indlela u-Onyango enza kahle ngayo uma uWilliams engekho.
“Emidlalweni embalwa esiyidlale ngaphandle kukaWilliams, u-Onyango usitakule kaningi. Uyena osazoqhubeka uma kukhona okuvimba uWilliams ukuthi adlale.
“Okubhekene nalaba abanye siyakwazi kodwa kufanele balinde bengadikibali. Kusemqoka futhi ukuthi bakukholwe ukuthi sithembele kubona. Kunzima kubona ngenxa kaWilliams kanti no-Onyango akazibekile phansi.
“U-Onyango unesipiliyoni sonke osidinga kumholi, ngakho-ke umbango usephakathi kwakhe noWilliams, ”kusho uCardoso.
UFebruary, owafika kwiSundowns esemncane esuka kwi-Ajax Cape Town ngo-2019, usebolekiswe emaqenjini ahlukene okuyiCape Umoya, Moroka Swallows naMaZulu. Udlale imidlalo emithathu kuphela kwiMTN8 yanonyaka. Lokhu kukubeka ngokusobala ukuthi kusekude imethembe iSundowns ngendlela afisa ngayo.
Ngesikhathi uPieterse efika kwiSundowns ngo-2018 esuka kwiSuperSport United ayijoyina esuka kwiKaizer Chiefs, kwakungathi uzolidla ijezi ku-Onyango noKennedy Mweene kodwa kuze kube yimanje usadlale imidlalo engaphansi kuka-20 sekuhlangene yonke imiqhudelwano kuleli qembu. UTshabalala, osayine kwiSundowns esuka kwiSwallows nyakenye, akakasitholi isikimu.
ISundowns ngelinye lamaqembu ePremier Soccer League (PSL) anethimba lonozinti eliqinile kwazise kusekhona nababolekiswe kwamanye amaqembu okubalwa kubona u-Ishamel Watenga wase-Uganda ovimba kwiLamontville Golden Arrows.
Nakuba uWilliams enesigwebo samakhadi kwiBetway Premiership kodwa uzowuqlala nakanjani oweSundowns olandelayo neRaja Athletic Club yaseMorocco ngaphansi kuka-Group B weCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku eStade Larbi Zaouli.