KUZOBONAKALA ubuso obuningi obusha uma iqembu lesizwe lombhoxo labesilisa, amaBhokobhoko, selihlangene ekhempini yalo yokuqala yonyaka eKapa ngenyanga ezayo.
Umqeqeshi uRassie Erasmus umeme abadlali abangu-16 abangakaze badlale kumaBhokobhoko ngesikhathi ememezela uhlu lwabadlali abangu-43 abazoziqeqesha ndawonye.
AmaBhokobhoko, aqala ngokusemthethweni uhambo lwawo olubheke eNdebeni yoMhlaba ka-2027, azohlangana okokuqala selokhu anqoba iNdebe yoMhlaba eFrance ngo-Okthoba nyakenye. Ikhempu izoqala esontweni lokuqala kuMashi.
Kulo nyaka elakuleli lizoqala isizini yalo ngoJulayi ngokudlala imidlalo emibili ne-Ireland nowodwa nePortugal. Yomithathu imidlalo izodlalwa eNingizimu Afrika.
Leli qoqo labadlali abangu-43 lihlanganise abangu-39 abazinze kuleli. Abane abadlalela amaqembu aseJapan kodwa abasekuleli njengoba besalulama ekulimaleni. Abanye abadlali abazinze phesheya ngeke babe yingxenye yekhempu.
“Leli qoqo labadlali lihlanganise inqwaba yabebeyingxenye yezinhlaka zethu eminyakeni eyisithupha edlule. Amava abo nokujwayela indlela esenza ngayo izinto kumaBhokobhoko, kuzoba wusizo olukhulu kubadlali abancane.
Abanye balaba abasha sebeke baluthola ulwazi phambilini ngokudlalela iqembu leSA ‘A’ elalibhekene neMunster neBristol Bears ngoNovemba ka-2022,” kusho u-Erasmus.
“Kukhona nabadlali abambalwa abasha abakhombise amakhono abo ngesikhathi bedlalela amakilabhu, noma izifundazwe zabo. Kuyasijabulisa ukubabona bethola leli thuba lokuzwa ukuthi yikuphi okulindeleke kubona ezingeni eliphezulu.”
Uhlu lwabadlali abamenywe ekhempini yamaBhokobhoko:
Abaphambili: Eben Etzebeth, Vincent Koch, Bongi Mbonambi, Ntuthuko Mchunu, Ox Nche (Hollywoodbets Sharks), Neethling Fouche, Andre-Hugo Venter, Frans Malherbe, Salmaan Moerat, Evan Roos, Ruben van Heerden, (DHL Stormers), Johan Grobbelaar, Celimpilo Gumede, Cameron Hanekom, Elrigh Louw, Wilco Louw, Ruan Nortje, Gerhard Steenekampe, Marco van Staden, Jan-Hendrik Wessels (Vodacom Bulls), Malcolm Marx (Kubota Spears), Kwagga Smith (Shizuoka Blue Revs), Marnus van der Merwe (Toyota Cheetahs), Ruan Venter (Emirates Lions).
Abasemuva: Lukhanyo Am, Jaden Hendrikse, Makazole Mapimpi, Grant Williams (Hollywoodbets Sharks), Kurt-Lee Arendse,Willie Le Roux, Canan Moodie (Vodacom Bulls), Faf de Klerk, Jesse Kriel (Canon Eagles), Sacha Feinberg-Mngomezulu, Suleiman Hartzenberg, Herschel Jantjies, Mannie Libbok, Damian Willemse (DHL Stormers), Jordan Hendrikse, Quan Horn, Sanele Nohamba, Morne van den Berg, Henco van Wyk (Emirates Lions).