USAWUHLABE inhlali usihlalo waMaZulu FC, uSandile Zungu, mayelana namagama abaqeqeshi abazohlonza kuwo labo abazosiza uPablo Franco. Kepha ukunikezwa ithuba kukaSiboniso Vilakazi, lokwamukela abadlali ababuyayo kuleli sonto, kuyamfaka esigqokweni.
UFranco, onikwe inkontileka yeminyaka emithathu, uzotheleka ngoLwesine ntambama eNingizimu Afrika, evela kwelakubo eSpain.
Engxoxweni neSolezwe ngoLwesine, uZungu uthe uFanco unikwe inkululeko yokuzikhombela abadlali nabasizi bakhe.
Nokho inkulumo kaZungu neSolezwe Ngempelasonto, izwakala ivuna abaqeqeshi basekhaya, okubalwa noVilakazi okunguye ojimisa abadlali kusukela bebuyele emsebenzini ngoMsombuluko.
“Kukhona esixoxa nabo (ngesikhundla sephini lomqeqeshi). Ngabasekhaya. Omunye umazi kahle ngoba useke wasebenza naye. Yena uthe akanankinga yokusebenza nabaqeqeshi basekhaya abazi iqembu,” kuphawula uZungu.
Ethintwa ngalokhu, uBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu, uzihlangulile wathi ubengakatshelwa lutho kodwa kuzocaca konke uma sekufike umqeqeshi ngasekupheleni kwesonto elizayo.
UMkhathini uqinisekisile ukuthi abadlali bajinyiswa nguVilakazi kusuka bebuyile kuleli sonto kodwa wagcizelela ukuthi lokho akusho ukuthi usezoba yingxenye yethimba likaFranco.
Ukuqagela ngenhloko kusuke kuMaZulu kwawela komakhelwane bawo, iRichards Bay FC, okuthi kuleli sonto yaqhathulula abaqeqeshi uVasili Manousakis, Pitso Dladla noRonie Gabriel.
Ekhuluma oKhozini FM, uJames Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi ezicelweni ezibalelwa ku-20 abazitholile zabaqeqeshi, likhona negama likaLuc Eymael, oshwebe eseqede konke naMaZulu.
Eqinisweni uDlamini, uthe u-Eymael usesohlwini lwamagama ayisithupha asetafuleni likasihlalo weqembu.
Okunye okudalulwe nguDlamini, ngukushweba uJosef Zinnbauer waseGermany, kodwa osezoyibamba eMorocco, yize bese beqede konke naye. UDlamini uthe umqeqeshi unamasonto amabili, okuqoka iphini lomqeqeshi.